Ezintsha

IChiefs yazigwaza ngowayo ngokuyeka uNabi

IKaizer Chiefs yayeka ithuba lokusayinisa omunye wabaqeqeshi abaphambili ebholeni lase-Afrika, uNasreddine Nabi kanti lokhu kuyilimaze kakhulu.

UNasreddine Nabi ubexoxa neChiefs ngokuza kuyo ngesikhathi esuka kwiYoung Africans yaseTanzania la abenqobe khona izicoco ezimbili iminyaka ilandelana.

Lo mqeqeshi waseTunisia kwaba namahlebezi okuthi uzojoyina Amakhosi ngonyaka odlule ngaphambi kokuthi leli qembu liqashe uMolefi Ntseki. 

UNabi ushiye iYanga SC, enethemba lokuphothula uhambo lwakhe lokuza kwiChiefs, kodwa izingxoxo azihambanga ngendlela okwakubhekwe ngayo. 

Kunalokho Amakhosi agcine ewunike uNtseki lo msebenzi, wamsinda zisuka waze wagcina exoshwa kungakapheli nezinyanga ezintathu eqashiwe.

UNabi usegcina echazile ukuthi kungani engakwazanga ukuvumelana neKaizer Chiefs.

“Ngangifuna (iChiefs) inginike ithuba lokuza okungenani namalungu amabili ethimba lami labaqeqeshi abazongisiza,” kusho uNabi kwiSports Arena.

“Kodwa-ke bangitshela ukuthi banabo abantu abanezinkontileka, futhi ukubaxosha kuzobiza kakhulu”

Ukuya kukaNabi kwiKaizer Chiefs kubhuntshile futhi lo mqeqeshi uthi wayengeke avume ukuqokelwa ithimba azosebenza nalo.

“Kube yinselelo kimina ukwamukela ukuthi banginike engizosebenza nabo, ngabona ukuthi ngeke bangisize nganquma ukubayeka.”

UNabi the wayemagange ngokujoyina lezi zinkunzi zaseSoweto kodwa iqembu lahluleka ukumnika akufisayo.

IChiefs isayinise u-Arthur Zwane inkontileka yeminyaka emithathu ekuqaleni kwesizini ka-2022/23. 

Nakuba ekhululwe emsebenzini wakhe wokuba ngumqeqeshi, waqhubeka waba yiphini likaNtseki. 

Kodwa kuthe uma uNtseki exoshwa ngemuva kwezinyanga ezine nje vo, uZwane naye wadilizwa, wabuyiselwa ezinkulisa zeqembu.

UNabi ubethathwa njengomqeqeshi ofanele nobebonakala engaguqula izinto kwiChiefs. 

Njengamanje lo mqeqeshi waseTunisia ukwiFAR Rabat, ayijoyine ngasekupheleni konyaka odlule.

Amakhosi kumanje athungatha umqeqeshi omusha ozongena kulo msebenzi ngesizini ezayo.