DStv PremiershipEzintsha

USinoxolo Kwayiba ungene emabhukwini omlando kwiChippa

Umgadli weChippa United, uSinoxolo Kwayiba, uzongena emabhukwini omlando kuleli qembu njengoba eseqophe umlando wakhe. 

USinoxolo Kwayiba, onemiyaka engu-25, unqobe indondo yomdlali ovelele weDStv Premiership ka-Ephreli. 

Lo mgadli, ojoyine iChilli Boys ekuqaleni kwesizini ka-2023/24, uvelele ngamagoli akhe amane awashaye emidlalweni emine kulandelana.

Lamagoli asize iChilli Boys inqobe kwiCape Town Spurs, Kaizer Chiefs neSuperSport United, kwaqhelisa iqembu engozini yezembe. 

Ithimba lamajaji, elihlanganisa abahlaziyi bebhola nezintatheli, lihlabeke umxhwele ngendlela asheshe ngayo ukungena egiyeni leqembu. 

Ufike kwiChippa esuka kwiPretoria Callies edlala kwiMotsepe Foundation Championship. 

USinoxolo Kwayiba ubengumdlali wokuqala weChippa United ukunqoba umklomelo wanyanga zonke kusukela leli qembu lakhushulelwa esigabeni esiphezulu ngo-2014.

Uphume phambili ohlwini lwabeqokiwe nabo obeluhlanganisa o-Iqraam Rayners weStellenbosch FC nababili be-Orlando Pirates, oTshegofatso Mabasa noPatrick Maswanganyi.

URulani Mokwena uqokwe njengomqeqeshi ovelele kwiDStv Premiership okwesibili kule sizini. 

Ngemuva kokuthola lo mklomelo ngo-Agasti, lo mqeqeshi odle isicoco neSundowns, wenze into yamehlo ngo-Ephreli. 

KuMokwena, u-Ephreli uqale ngokunqoba ngo 1-0 kwiRichards Bay, waqhubeka ngendlela efanayo eshaya iCape Town Spurs (1-0), Sekhukhune United (2-1), TS Galaxy (3-0) base bebambana ngo 2-2 ekuhambeni neMoroka Swallows. 

UMokwena unconywe ngokugcina iqembu lakhe linqoba njalo nokuqhubeka ngendlela encomekayo nokungahlulwa kwiligi. 

UMokwena uthole amavoti amaningi kunomqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Rivieiro, uSteve Barker weStellenbosch FC noKwanele Kopo oqeqesha iChippa United ngokubambisana noThabo September. 

Umdlali weSekhukhune United, u-Asekho Tiwani uhlule abadlali abafana noSedywn George noTebogo Mokoena endondweni yeDStv Premiership Goal of the Month ka-Ephreli. 

Igoli lakhe lokuqala alishaya ngesikhathi ezakhe zihlula iCape Town Spurs ngo 1-0 liwahlabe umxhwele kakhulu amajaji. 

Lo mdlali odlala emuva kwesokunxele uye wadedela inguzunga emangazayo yeshodi emaphakathini nenkundla, lalizwa selikhala enethini unozinti weSpurs. 

Bonke abanqobile kule miklomelo bathola indondo ehambisana nokheshi ungu-R7 000 ovela kubaxhasi beligi iDStv.