DStv PremiershipEzintsha

‘UMdali ozonquma ngendondo, mina ngilwela iPirates’ 

Njengamanje uTshegofatso Mabasa nguyena ohamba phambili ngamagoli kwiDStv Premiership, kodwa uthi lokho akubalulekile. 

Okubalulekile, ngokusho lwalo mgadli we-Orlando Pirates, wukusiza iqembu liqoqe amaphuzu (ukuze liqede endaweni yesibili kwilogi).

Ekhuluma ngemuva kokushaya amagoli amabili abaguqise ngawo iChippa United ngoLwesithathu ebusuku uMabasa uveze ukubaluleka kweqembu kunaye.

“Ngiyabonga, ngibonga kakhulu. Kodwa ngifuna ukudlulisela ukubonga kwami koNgabonwayo ngoba sinethalente nethuba nje kungenxa yakhe.”

Elinye lamagoli kaMabasa kube yiphenathi kanti ozakwabo babonakale beqhela bonke, benika yena ithuba lokuyikhahlela. 

“Buka, siyazicija ekushayeni amaphenathi. Emdlalweni weRoyal AM uTito (Patrick Maswanganyi) uyena owayishaya. 

“Akuyona into ephambili emqondweni wami (ukunqoba indondo yamagoli). Into ephambili wukuthi iqembu liqoqe amaphuzu amathathu. 

“Yilokho ke esikwenzile lapha namuhla. Uma kwenzeka (ukuthola indondo yokushaya amagoli) kuyobe kwenzeke ngentando kaNkulunkulu. 

“Ngoyokujabulela lokho. Kodwa njengamanje amaphuzu amathathu yiwona abalulekile.

Kusheshe kwacaca ukuthi iChippa izophuma ishwiba izandla e-Orlando Stadium njengoba kuyiwe ekhefini seyivele ilandela ngemuva ngo 2-0. 

Igoli lokuqala lingene ngomzuzu ka-36, uMabasa eqedela kalula ibhola ebeligotshwe uThabiso Monyane kwesokudla. 

Ubuyile lo mgadli ngomzuzu ka-42, wabasela phakathi iphenathi, kwaba yigoli lakhe lika-15 kule sizini. 

Iphenathi beyidaleke ngokuthi uBaraka Majagoro evimbe ibhola ebeligotshwa u-Innocent Maela ngengalo esebhokisini. 

Njengoba iStellenbosch FC sidlale ngokulingana naMaZulu FC komunye umdlalo ngawo uLwesithathu ebusuku, sesiphambili ngephuzu elilodwa kwiPirates. 

Sekusele imidlalo emithathu ezocacisa ukuthi yiliphi iqembu elizongena kwiCaf Champions League.