‘Ufese’ ngeziphansi uRamovic kwiKaizer Chiefs
USead Ramovic uncome iKaizer Chiefs, waveza nesifiso sokuthi ibuye ngesizini ezayo seyingcono kakhulu ‘ngoba ibalulekile ebholeni lakuleli’.
Lo mqeqeshi weTS Galaxy ukusho lokhu ngemuva kokubambana ngo 2-2 neChiefs emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku.
Kuyinto eyaziwayo ke ukuthi iChiefs isemkhankasweni onzima wokuthola umqeqeshi ozokwazi ukuyivuselela, ibuyele ezinsukwini zenjabulo.
Phela manje iminyaka ibheke eshumini leli qembu lagcina ukuqukula indebe, kanti nezinga ekulo alilihle neze.
“Besidlala neqembu elihle elikhombise ukuzimisela okukhulu,” kusho uSead Ramovic ngemuva komdlalo obusePeter Mokaba Stadium.
“Ngithemba ukuthi iChiefs izobuya iqinile ngesizini ezayo. Iyiqembu elikhulu nelibalulekile kakhulu.
“IChiefs yiqembu elifanelwe wukuba semaqenjini amathathu aphezulu kwilogi. Iyiqembu elihle kakhulu, elinabalandeli abahle.”
Yize kungenzeka ukuthi lamazwi ubewakhipha engenanhloso, kodwa azwakale enokuziveza ukuthi uyalithanda leli qembu laseNaturena.
Futhi ke uSead Ramovic unazo zonke izinto okuthiwa zibhekwe yiChiefs kumqeqeshi olandelayo.
Uneziqu eziphezulu zokuqeqesha emhlabeni njengoba ene-Uefa Pro License.
OLUNYE UDABA: UMahlambi usevuke ngecebo lokugwema ijele
Ngaphezu kwalokho usenawo namava ebhola lakuleli njengoba esekwisizini yakhe yesithathu kwiGalaxy ayijike yaba yiqembu elingcono kakhulu.