DStv Premiership

UBrian Baloyi usola abaphathi beChiefs ‘ngokulala emsebenzini’

UBrain Baloyi, oyinkakha yeKaizer Chiefs ukhala ngabaphathi baleli qembu athi abawugadile umsebenzi njengoba ziwudla bebhekile nje. 

Le nkakha, eyayingunozinti ongaconsi kubalandeli, naye ujoyine ezinye izinkakha ezingasiboni isidingo zokugcinwa kukaCavin Johnson. 

uJohnson ungumqeqeshi obambile kwiChiefs kodwa kunokuthi isimo sibe ngcono sibukeka siba sibi kakhulu ngaphansi kwakhe.

UBrian Baloyi ukhulume neLisenethini wathi kumele ngabe kudala bamxosha uJohnson ngoba uyamehlula umsebenzi abanjiswe wona. 

“Abaphathi kumele bakuqonde ukuthi abalandeli beKaizer Chiefs badiniwe manje,” kusho uBaloyi.

“Ikakhulu njengoba leli qembu seliphenduke inhlekisa kwiDstv Premiership ngaphansi kobuholi bukaJohnson. 

“Uyabona uJohnson uyimoshe kakhulu iKaizer Chiefs kunabanye abaqeqeshi abangaphambili kwakhe.

“Ingukudla kwenduku emidlalweni yeligi kanti yaphuma ekuseni kwiMTN8, kwabheda nakwiCarling Knockout Cup, kwaba esifanayo nakwiNedbank Cup. 

“Mina angiboni nokuthi iKaizer Chiefs izoqeda kwiTop 8 njengoba imosheke kanjena nje.

“Ngicabanga ukuthi nabadlali abamuzwa uma ngabe ebacija njengoba akukho okwenziwa ngabadlali okungumehluko enkundleni.” 

Kuhlale kukhalwa ngokuthi iChiefs ayinabo abadlali abasezingeni elifanayo neMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates.

Kodwa uBrian Baloyi uthi akusikhona lokho okwenza iChiefs ibe phansi ngezinga kunalezi zimbangi zayo.

“UJohnson ngabe uqamba amanga uma engathi akanabo abadlali abanamava abangamelana neMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates. 

“Nguyena ohluleka ukubahlanganisa abadlali ngendlela efanelekile,” kwengeza uBaloyi. 

“Mina angibasoli abalandeli beKaizer Chiefs uma bethi makahambe ngoba ngempela umsebenzi wakhe awukho.”