EzintshaNedbank Cup

Sebejika inkulumo ‘ngokucwaswa’ uJose Riveiro wePirates

Abaqeqeshi beChippa United sebeyakuphika ukuthi uzakwabo we-Orlando Pirates, uJose Riveiro wasebenzisa amagama anokucwasa ngempelasonto edlule.

Umqeqeshi weChippa, uKwanele Kopo wayedinwe engane unwabu esola uJose Riveiro ngokusebenzisa amazwi avusa izilonda zezikhathi zobandlululo kuleli. 

Wakusho lokhu ngemuva komdlalo walamaqembu weNedbank Cup eNelson Mandela Bay Stadium ngoMgqibelo odlule.

Kwanqoba iPirates ngo 2-1 kulo mdlalo owawunezigemegeme ezithusayo. 

“Ngiyayihlonipha i-Orlando Pirates kodwa indlela umqeqeshi abekhuluma ngayo ebhekise kithi iyashaqisa. 

“Ayidingeki leyanto ebholeni. Akasakwazi nokungibheka emehlweni angixhawule ngemuva komdlalo. 

“Ubechukuluza u-Eva (Nga), yingakho egcine ethola ikhadi elibomvu nje. Ngiyazi iPirates iyafuna ukuvikela le ndebe.

“Futhi ngiyahlonipha njengeqembu kodwa abantu kumele baziphathe kangcono,” kuchaza uKopo ngaleso sikhathi.

Le nkulumo yakhe yasusa umsindo kanti uJose Riveiro waziphendulela, wathi ucela uKopo akuvele okuwukucwasa akusho noma akwenza.

Manje inkulumo seyijikile kwabeChippa njengoba uThabo Septeber osebenzisana noKopo ngokubambisana, eseyichaze ngenye indlela.

“Umqeqeshi uKwanele Kopo akekho esimweni esikahle, yingakho ecele ukuthi kube yimi okhulumayo,” kusho uThabo September kwiMetro FM ngoLwesibili. 

“Mina noKwanele Kopo singabaqeqeshi ngokubambisana, futhi imisebenzi siyenza ngokubambisana, yingakho kuyimi okhuluma nawe.”

Ube esephika ukuthi uKopo wayeqonde ukuthi wazizwa ecwaswa uJose Riveiro.

“Cha, ubengaqondile ukuthi ucwaswe ngokwebala… Cha okwashiwo kwakungacwasi, kodwa kwakungelona igama elihle. 

“Mina ngilapha ebholeni ngithanda ukugxila kulokho. Umuntu wavele wasithuka kodwa akubanga ngokokucwasa ngobuhlanga.” 

Kubuye kwavela nokuthi uKopo uvele ungumuntu onolaka nosheshe adinwe bese ethathela izinto phezulu. 

Akukacaci ke ukuthi ngabe iPSL izomthathela yini izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe ngokuhlambalaza ibhola. 

Phela ukucwasa yinto ebucayi kabi nehlezi iphetshezwa ebholeni. Manje yena uma eyenza umdlalo, kumele aphendule ngalokho.