Owodumo kwiBafana ucikwa abahleba ngomshado wakhe
– Alfred Ngubane
UKagisho “KG” Dikgacoi owayengumdlali weBafana Bafana neGolden Arrows, useqhathulule os’duma ngabanye abaphansi phezulu ngegama lakhe.
Lo mdlali owake wagijima nakwiCrystal Palace neFulham e-England, uthi kunabantu abafafaza amanga ngomshado wakhe nonkosikazi wakhe uCarina Mckechnie Dikgacoi.
Ngokusho kwakhe kwabeTimes Live, usekhathele ukuthi alokhu ephebeza amahlebezi okuthi usehlukene nomkakhe.
“Mina nomkami sisashadile, yithuba nje alivelile lokuthi ayosebenza e-England,” ucashunwe esho kanje uDikgacoi.
“Usebenza ngokuzikhandla, futhi akukho nolulodwa usuku oludlulayo singakhulumanga naye nezingane zethu.
“Ngisazama ukujwayela impilo ngaphandle kwakhe la ekhaya, futhi abazenkundla zokuxhumana abenzi izinto zibe lula.
“Ziyangilimaza lezi zinkulumo, kodwa ngingathini, okusezinkundleni zokuxhumana sekungaphezu kwamandla ami.
“Umshado wami awushintshile. Ngihlezi ngiya e-England ngiyovakashela umndeni wami.
“Lamahlebezi awamasha kimi. Kodwa njengoba bengishilo, ngimatasa manje abantu babona engekho ezithombeni zakamuva bese bezitshela ukuthi uphelile umshado wami.”
OLUNYE UDABA: Sebejika inkulumo ‘ngokucwaswa’ uJose Riveiro wePirates
UDikgacoi, owayeseqenjini leBafana ngeNdebe yoMhlaba ka-2010, uthi njengamanje wenza izifundo zokuqeqesha.
Wayengomunye wabadlali abamqoka kwiBafana futhi wathola amadlelo aluhlaza ngemuva kwale midlalo.