DStv PremiershipEzintsha

OweMagesi ucasha ngesithupha ngekusasa likaLarsen

Usihlalo weMagesi FC, uSolly Makhubela, akafuni ukubophezela ngekusasa lomqeqeshi uClinton Larsen ngemuva kokuthi leli qembu likhuphukele kwiDStv Premiership.

UClinton Larsen wenze umsebenzi oncomekayo kuleli qembu elizinze eLimpopo elinqobisa iMotsepe Foundation Championship kusasele imidlalo emibili kusongwe isizini.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-53 usindise leli qembu ezembeni ngesizini edlule futhi – phezu kwazo zonke izinkinga – uselifake esigabeni esiphambili sebhola elikhokhelayo eNingizimu Afrika.

“Njengoba ngike ngaveza ukuthi ngingusihlalo kodwa akumina othatha izinqumo,” ucashunwe esho kanje uMakhubela kwiPhakaaathi. 

“Konke kuzoncika ethimbeni eliphethe ezokuqeqesha ukunquma ukuthi siyaqhubeka yini nomqeqeshi. Mina ngizoqapha uhlelo ukuthi luhamba kahle.” 

UMakhubela ubonge ithimba labaqeqeshi nabaphathi bakhe ngokwenza lokho abebekuthunyiwe. 

AmaTuks, Baroka, JDR Stars neMaritzburg United basale bebanga izikhala ezimbili ezisele zokudlala kweyokuhlunga.

“Ngifuna ukubonga abadlali, abaphathi nesikhulu esiphezulu… 

“Uzokhumbula ukuthi akukho ngami kodwa kumayelana nabaphathi nomqeqeshi. 

“Basebenza ndawonye futhi mina ngingusihlalo nje, ngithatha imiyalelo kubo. 

“Ngiyabalalela, ngiphakamise (umbono) uma kufanele kodwa okokugcina kuvela kubona nakumqeqeshi. 

“Igunya belikumqeqeshi nabaphathi ngoba badinga ukusebenzisana. 

“Sizamile nokwengeza umqondisi wezokuqeqesha ukuze sisebenzisane. 

“Umsebenzi wethu bekuwukuthatha iligi bese sikhuphukela phezulu singayi emidlalweni yokuhlunga.”

Nokho kuvela ukuthi uClinton Larsen, owelule inkontileka yakhe ngesizini eyodwa ngonyaka odlule, uzosayina inkontileka entsha. 

OKungacaci wukuthi kuzoba yinkontileka yesikhathi eside noma uzophinde anikwe eyonyaka eyodwa ukubona ukuthi uphelelaphi.