DStv PremiershipEzintsha

Kuvuke ithemba kuJohnson uRanga Chivaviro edabula inethi

URanga Chivaviro uvuselele ithemba kumqeqeshi weKaizer Chiefs, uCavin Johnson, lokuthi leli qembu lingalivika ihlazo lokungangeni kwiTop 8 ekupheleni kwesizini. 

Lo mgadli ushaye amagoli amabili amahle ngesikhathi iChiefs ibambana neTS Galaxy ngo 2-2 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku. 

URanga Chivaviro, oneminyaka engu-31, unyuse isibalo samagoli akhe kwiChiefs saya kwamane.

Kuzokhumbuleka ke ukuthi uke waba nenkinga yokulimala okumhlalise ngaphandle izinyangana ezimbalwa. 

Noma eseluleme ubengalitholi ijezi njengoba uJohnson ebencamela u-Ashley Du Preez noChristian Saile.

Uke waze wazama nomfana omncane uWandile Duba ekhona uChivaviro. Kuthe uma elithola ithuba, wakhombisa ukuthi engaba wusizo kuJohnson. 

Ngemuva komdlalo, uJohnson ugcizelele ukuthi uRanga Chivaviro udinga ukuzibonakalisa emdlalweni olandelayo futhi angakuvumeli ukuthi angalitholi igoli kuwo. 

“Kumele ngimtshele manje, waphakamisa isandla wathi ‘ngikhona mina ngingasiza’,” kusho lo mqeqeshi ngemuva komdlalo. 

“Uke wakwenza kule nkundla phambilini (ukushaya amagoli amabili) futhi manje usengikhombisa ukuthi uyakwazi ukukwenza.

“Uke wasalela emuva kancane kodwa sifuna abadlali bethu basebenze kanje, sifuna abadlali bethu basebenze ngaso sonke isikhathi ukuze siphathwe yikhanda (lokuqoka abazoqala umdlalo). 

“Namuhla, uphakamise isandla sakhe futhi siyajabula ngalokho.”

URanga uzobe ebhekwe ukusiza leli qembu liphinde liqoqe amaphuzu uma iChiefs seyibhekene naMaZulu FC eMoses Mabhida Stadium ngeSonto ntambama.

Phela iChiefs isavele ngobhozo kuphela emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi yePremiership.

Ukusala ngaphandle kungaba yihlazo, futhi kuyiphuthisele ukudlala kwiMTN8 ngesizini ezayo, okungenye yezindebe ezingayisiza ithibe indlala.