Uvuka ngowelesizwe uKosta Papic wodumo kwiBucs
– Alfred Ngubane
Angase avuke ngomsebenzi weqembu lesizwe elinabadlali abahle owayengumqeqeshi we-Orlando Pirates uKostadin Papic.
Lo mqeqeshi odabuka eSerbia waduma ngokudlalisa ibhola elimnandi elidle ngomjiko ngesikhathi ecija iPirates eminyakeni engaphezu kweshumi edlule.
ILisenethini seyithole ngomlomo kaLincoln Mutasa ukuthi uKosta Papic xoxisana neZimbabwe Football Association (Zifa).
UMutasa uhola ikomidi elijutshwe ukuthi lifune umqeqeshi ozocija leli qembu lesizwe.
Uthe okwamanje banabo abaqeqeshi abasebenzela phezu kwabo futhi benelisekile ngabo kodwa abakabi naye okunguyena yena.
UMutasa uvumile ukuthi uPapic ukhona kubaqeqeshi abaxoxisana nabo, wathi izingxoxo ziqale ngoMbasa.
Ebuzwa ukuthi izingxoxo zihamba kanjani, uvele washaya ngamafuphi: “Zihamba kahle kakhulu. Yilokho kuphela engizokusho.”
Nokho umthombo weLisenethini oseZimbabwe usipotshozele leli phendaba ukuthi lo mqeqeshi usevele useqashiwe.
“Sekubambe izinto ezincane kakhulu manje… Kodwa yena sekufana nokuthi useqashiwe.
“Sekusele nje ukuthi abaphathi beZifa bamemezele ngokusemthethweni.”
Kufunwa umqeqeshi nje kwiWarriors uNorman Mapeza obenikwe lo msebenzi emidlalweni yokuzilungiselela ebiseMalawi ugajiwe.
Lokhu kulandela ukuthi engazwananga nabanye babadlali ngendlela abebaphethe ngayo ekhempini yakhe.
Kuvele ukuthi ubebajimisa ngathi amasosha aya empini, aphinde abe nokwenzelela abadlali abadlala eZimbabwe uma eqoka iqembu aqala ngalo imidlalo.
UKosta Papic uke waqeqesha emaqenjini ehlukene kuleli okubalwa neKaizer Chiefs kanti kwasizwe uke wasebenza kwelase-Eswatini.
Asisekho ke nokho isikhathi esanele sokuthi kulokhu kubanjwa kuyekwa ngoba iWarriors – igama leqembu lesizwe laseZimbabwe – inemidlalo ebalulekile ngoNhlangulana.
OLUNYE UDABA: ULunga usindele ‘ubuchakide’ bukaMokwena ekhadini elibomvu
IWarriors izoqala umkhankaso wokuzama ukuya kwiNdebe yoMhlaba ngokubhekana neLesotho ngomhla ka-7 kuNhlangulana.
Iyobe seyisuka lapho ize kuleli ngomhla ka-11 kuwo uNhlangulana izogadulisana neBafana Bafana emdlalweni wesibili.
Elinye iqembu eliseqoqweni leZimbabwe yiNigeria, okuyiyo okubhekwe iphume phambili kuGroup C. Kukhona neBenin neRwanda.