DStv PremiershipEzintsha

URamovic uthembe ‘isiko’ leGalaxy kwiChiefs

Njengoba behlulwe kanye emidlalweni eyisishiyagalolunye bebhekene neKaizer Chiefs, akunzima ukukholwa umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic, uma ecabanga ukuthi bangcono kunaMakhosi.

Imidlalo ephakathi kwala maqembu – okunombango omkhulu ofufusayo phakathi kwawo – iRockets inqobe emithathu, yahlulwa kanye kanti emihlanu iphele zibambene. 

URamovic ukholelwa ukuthi ukuthola okungenani amaphuzu ayisithupha emidlalweni emihlanu esele kuzoqinisa indawo yabo kwiTop 8. 

IGalaxy neChiefs bazodudulana ePeter Mokaba Stadium ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku. 

IChiefs ingena kulo mdlalo ilimele ngemuva kokuhlanjalazwa yiMamelodi Sundowns ngo 5-1 eFNB Stadium ngoLwesine olwedlule.

Ngakolunye uhlangothi, iGalaxy nayo yehlelwe yifomu muva emidlalweni yakamuva ngemuva kokuqala kahle isizini.

URamovic manje usegxile ekuqoqeni okungenani amaphuzu ayisithupha kwangu-15 ngaphambi kokuthi kuphele isizini.

Unethemba lokuthi lokho kuzokwanela ukuvikela indawo yabo emaqenjini ayisishiyagalombili azoqeda phezulu kwilogi.

“Sisendaweni yesihlanu manje kwilogi futhi sineminye imidlalo emihlanu yamanqamu phambi kwethu,” kusho uSead Ramovic kwiSowetan. 

“Ngicabanga ukuthi sidinga okungenani amaphuzu ayisithupha ukuze sifeze inhloso yethu yokuba kwiTop 8 ekupheleni kwesizini. 

“Kufanele sibe sezingeni eliphezulu kuyo yonke imidlalo osele. Manje amaphuzu abalulekile…

“Sithatha noma yini esingayithola. Siyazi ukuthi ngeke kube lula ngoba sinamakilabhu amaningi amahle kule ligi nabaqeqeshi abahle kodwa sizokusebenzela kanzima.”

IGalaxy izophinde ibheke ukuqhuba ‘isiko’ layo lokuzenzela uma ibhekene naMakhosi.