DStv Premiership

UMokwena uvuma ukunkenketha kwenhliziyo ngeseCaf

Njengoba esethubeni lokuwina izindebe ezintathu kule sizini, umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, umile kwelokuthi ukunqoba isicoco seNedbank Cup ngeke kusivale isikhala seCaf Champions League.

IMamelodi Sundowns, esivele isiwine isicoco se-African Football League (AFL) nese-DStv Premiership, izobhekana ne-Orlando Pirates kowamanqamu weNedbank Cup ngomhla ka-1kuNhlangulana eMbombela Stadium.

URulani Mokwena uthe usathuthumela ngokuhluleka ukunqoba iChampions League ngemuva kokuthi bekhishwe kowandulela owamanqamu yi-Esperance Tunis. 

Uthi noma bengayinqoba iNedbank, ngeke kuyiqede iminjunju yokuhlulekwa kwiChampions League.

“Ngisathuthumela. Kukhona ozame ukungiduduza, ethi, ‘Usuvele unqobe kabili – i-AFL nezicoco zeligi – pho kungani usathuthumela’,” kusho uMokwena kwabezindaba muva nje. 

“Kodwa ngibona sengathi ngiliphoxile iqembu. Ngibona sengathi ngibaphoxile abalandeli baleli qembu ngoba kuwumsebenzi wami ukulihola…

 “Futhi uma sehluleka, kuwumsebenzi wami ukuthi ngisukume ngithwale lelo joka.

“Angicabangi ukuthi (ukunqoba iNedbank Cup) kuzosivala. Besifanele ukungena kowamanqamu kwiChampions League. 

“Ngokubheka umlenze wesibili womdlalo owandulela owamanqamu, ngicabanga ukuthi senze okwanele ukuzinika ithuba lokungena kowamanqamu. 

“Sengixolisile eqenjini futhi ngizothatha leli thuba ngiphinde ngixolise futhi.”

Yize isicoco seligi sesisemxhakeni, uMokwena uthi ngeke bayithathe kalula imidlalo esele ngoba sebebheke irekhodi lokuqeda iligi bengahlulwanga. 

ISundowns isizobhekisa amabombo emdlalweni weligi neGolden Arrows eMpumalanga Stadium ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.