DStv Premiership

Umbono ka-16V ngokuqhathaniswa kukaTito noMshishi

UDoctor Khumalo, owayedume ngelika-16V esalibamba kuchwaze izihlwele kwiKaizer Chiefs neBafana Bafana useveze umbono wakhe ngendaba esegudwini ebholeni lakuleli.

Kunombango oshubile ezinkundleni zokuxhumana owasuka mhla umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos eveza umdlali abheke avale isikhala somunye.

UBroos wathi ubona umdlali we-Orlando Pirates, uPatrick “Tito” Maswanganyi ezosivala isikhala sikaThemba “Mshishi” Zwane eqenjini lakhe ngokuhamba kwesikhathi. 

Le nkulumo yasusa izimpikiswano, abanye bethi kunjengaba esho nje umqeqeshi, abanye bebona kukhona ongcono kunomunye. 

Manje u-16V naye usebeke owakhe umbono kanti yena iyamcika le yokuqhathaniswa kwalaba badlali. 

“Ngiyafisa ukubona uThemba (Zwane) noTito (Patrick Maswanganyi) bedlala ndawonye,” usho kanje uDoctor Khumalo ekhuluma kwiPodcast ye-10Bet ayinxusa layo. 

“Ngifuna ukubona ukuthi kuzokwenzekani. “Kodwa asikwazi njengesizwe ukugxila ekutheni uTito ungcono yini kunoThemba noma uThemba ungcono kunoTito. 

“Asikwazi ukwenza leyonto bakwethu. Ngiqonde ukuthi… banendlela yabo ehlukile yokwenza izinto.”

UKhumalo uvumile ukuthi bobabili laba badlali banamandla, wagcizelela ukuthi bobabili banekhono elingakholakali. 

“UTito usebenzisa unwayo lwesokunxele kanti uThemba usebenzisa elesokudla… 

“Bobabili bangabadlali abasebancane abanekhono elingakholakali,” wengeze kanje. 

‘UMdokisi’ ukholwa wukuthi singabuka into yamehlo uma laba badlali bengadlala ndawonye, belandelwa ozobamakela esiswini. 

“Angazi ukuthi yimuphi umdlalo wobungani wamazwe omhlaba ozayo, angisakwazi ukulinda ukubabona bedlala ndawonye.

“Futhi cishe sinabadlali basesiswini abavikelayo abangavele babavikele kahle. Umdlali ofana no(Goodman) Mosele noma (uTeboho) Mokoena,” kusho le nkakha.

UZwane, oneminyaka engu-34, uyingwele ethenjiwe kwiBafana kanti uBroos usekhulume kaningi mayelana nokuthungatha kwakhe umdlali ozovala isikhala sakhe ngelinye ilanga.

UMaswanganyi, oneminyaka engu-26, udlale okokuqala kwiBafana ngoNdasa ibhekene ne-Andorra e-Algeria emidlalweni yokuzwana amandla.