EzintshaNedbank Cup

ULunga usindele ‘ubuchakide’ bukaMokwena ekhadini elibomvu 

UDivine Lunga usindele ukulimala kukamsizi kanopempe, okuyinto esuse umqondo kanompempe uJelly Chavani kuye, wagxila kuZakhele Siwela. 

Loku kushiwo yinkakha yezokushaywa kwendweba kuleli, uVictor Hlungwani osengumhlaziyi kwiSABC Sport ngoMsombuluko.

Ubehlaziya isigameko esishaqise abaningi ngempelasonto emdlalweni weStellenbosch FC neMamelodi Sundowns. 

Kulesi sigameko uLunga udlalise kabi umdlali weStellies futhi bekumele athole ikhadi lesibili eliphuzi ngalesi senzo sakhe kwwazise umvimbe ukuyobhekana nonozinti. 

Kodwa ngaleso sikhathi kuvele kwalimala uSiwela obengumsizi kanompempe wokuqala, kwanakwa yena. 

Kuthe kuselashwa yena, iSundowns yabe yena ushintsho, yamkhipha uLunga, yafaka uThapelo Morena endaweni yakhe.  

“Lapha sibona (bebhekene ndoda nendoda), sibona umdlali (uDevin Titus) ephendula uDivine, sibona kunesikhala,” kuchaza uHlungwani kwiSoccerZone. 

“Kodwa umdlali uyakhubeka futhi bekukhona ukumbamba ngenhloso yokumvimba. 

“Bekumfanele unompempe ukunikeza uDivine Lunga ikhadi lesibili eliphuzi,” kusho uVictor Hlungwani.

“Kungani unompempe engazange akhiphe ikhadi eliphuzi? Bheka umsizi kanompempe lapho ethola ukulimala. 

“Ngakho, ngicabanga ukuthi lokho kuphazamise unompempe ngoba ubekhathazeke kakhulu ngokulimala kukazakwabo.

“Ube esekhohlwa ukuthi lo mdlali bekumele athole ikhadi eliphuzi… Umqeqeshi (uRulani Mokwena) wabona ukuthi lo mdlali uzokhishwa ngekhadi elibomvu… 

“Ngesikhathi unompempe ematasa ebheka uzakwabo, uMokwena wamkhipha umdlali.”