DStv PremiershipEzintsha

UGavin Lane unxenxa iPSL ngokuhlolisisa abaphathi bamaqembu

UGavin Lane uthi kuzomele iPremier Soccer League icubungule kabanzi umthetho wokwemukela osomabhizinisi abathenga amaqembu ezigabeni zayo. 

Le nkakha eyaakhela igama kwi-Orlando Pirates ikhala ngokuthi liyonakala igama lePSL ngokwamukela noma ngubani ofuna ukuthenga ikilabhu. 

Lokhu kulandela ukuthi kube nezimo eziningi lapho amanye amakilabhu egcina esehluleka wukugcina izindleko zawo njengokukhokhela abadlali. 

Isibonelo sakamuva ngokwenzeke kwiMoroka Swallows ngasekupheleni konyaka odlule la kuteleke abadlali bekhala ngokungakhokhelwa ngendlela efanele. 

“Labo somabhizinisi bafika negama elibi lokona iligi yethu enhle kanjena,” kusho uGavin Lane ekhuluma neLisenethini. 

“Bafike nomkhuba omubi ebholeni lakuleli ngokuthembela emalini yamathenda kahulumeni.

“Abanazo izimali eziqondene namaqembu kanti lokho sekudale umonakalo omkhulu ebholeni lePSL njengoba izikhathi eziningi la kuthiwa awabaholele abadlali.

“I-PSL beyihlonishwa kakhulu e-Afrika ngezinga layo lokuphathwa kahle kwamaqembu.”

Kukhona namaqembu okumanje avaliwe ukusayina abadlali ngenxa yokuhluleka wukukhokhela abadlali izimfanelo zabo uma sekuhlukwana. 

“Abadlali abaningi abanohlonzo balamazwe ayizikhondlakhondla bebethanda ukuzoqala impilo engcono kwiPSL. 

Kumanje iRoyal AM, Richards Bay neChippa United bangaphansi kwalesi sigwebo esikhishwe yiFifa esibavimba ukusayina abadlali. 

UGavin Lane, owayedume ngoStability Unit ngezikhathi zakhe, uthi lokhu kunomthelela ezingeni labadlali bangaphandle abeza kuleli.

Ukholwa wukuthi abangcono ngokwezinga sebeyayinqena iPSL kanti sekuyilabo abangenazo ezinye izindlela abangazithatha abavuma ukuza kuleli.  

“Kade kuba yindlela elula kubona ukuya phesheya kwezilwandle uma sebesukela kuleli.

“Kodwa ngenxa yalesi simo sakamuva, abadlali abanohlonzo sebemanqika ukuza kuleli.” 

“Kumanje izinga lebhola lethu liphansi ngendlela engachazeki,” kuphetha uStability Unit.