Ubuyela ebholeni uSangweni, ungene ekuqeqesheni
USiyabonga “Ntsimbi” Sangweni, owayengukaputeni we-Orlando Pirates usengumqeqeshi ‘ngokugcwele’ njengoba esephothule izifundo zokuqeqesha zokuqala.
Le nsizwa eyayiyisitobha esingatatazeli iphothule izifundo zokuqeqesha zeSafa D License ngempelasonto.
USangweni uthe ukuthokozele kakhulu ukuphothula lezi zifundo zeSafa ngoba ubona zizomvulela amathuba amaningi omsebenzi wokuqeqesha.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngemuva kokugaxa amakhokho ethala, uSiyabonga Sangweni wathenga iqembu elabe lidlala kwi-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal.
Wabe eseziqeqeshela leli qembu lakhe iNdondotha All Stars kodwa lagcina ngokudliwa yizembe.
Okungenzeka ke ukuthi lokho kwenziwa wukuswela kwakhe amava nolwazi oluphelele kwezokuqeqesha.
USangweni ubeyingxenye yezifundo zokuqeqesha ebezihlelwe ngokuhlanganyela umnyango wezemidlalo esifundazwe neSafa KwaZulu-Natal.
Lokhu kuwukusabela kwinhlabamkhosi yeSafa ngokuthi izinkakha zebhola zifundele ukuqeqesha.
OLUNYE UDABA: Abasolwa ngokufa kukaLuke Fleurs bavele bawuhlupho
USangweni ulandela abadlali abafana no-Itumeleng Khune, uRenilwe Letsolonyane, uKatlego Mashego noJoseph Makhanya ukubala abambalwa nje ekuqeqesheni.
Luselude ke ukhalo okumele aluhambe ngoba ukuze aqeqeshe kwiPremier Soccer League kumele okungenani abe neSafa B License.