IChiefs engozini ngoNurkovic ‘ozoziphindiselela’
IKaizer Chiefs izithola sisalelwe yimidlalo emine kuphela ukuthi ivikele isithunzi sayo ehlazweni elengeziwe lokuqeda ingaphandle emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwiDStv Premiership kule sizini.
Kumanje abalandeli bayo bafihla ubuso uma behlangana nabanye kulandela ukugilwa yiMamelodi Sundowns ngesonto eledlule.
ISundowns ivuthele Amakhosi ngempama ka-5-1 emdlalweni weligi kanti manje leli qembu lilungiselela omunye umdlalo ongase ulixhile.
IChiefs izoxhugela iqonde kwiTS Galaxy ezobhekana nayo ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane ngoLwesibili ebusuku.
Njengamanje Amakhosi ahlezi endaweni yesishiyagalombili, kanti asengcupheni yokusala ngaphandle kwamaqembu azodlala iMTN8 ngesizini ezayo.
Umbango walezi zindawo uya ngokushuba njengoba kungamaphuzu amane kuphela ahlukanise iChiefs neRoyal AM esendaweni ka-14.
Yize bekunenhlansi yethemba ekunqobeni kwayo iSuperSport United ngo 2-1 muva nje, iChiefs ithwale kanzima ngesikhathi iSundowns iyithwesa ugodo olushunqayo phambi kwezihlwele zayo ngoLwesine olwedlule.
Ukuze yethule abalandeli bayo ugodo, iChiefs kumele yenze kangcono uma seyibhekene neTS Galaxy.
Kodwa ke kuzoba nzima nakhona ngoba kunabadlali kwiGalaxy okungangabazeki ukuthi bangakujabulela ukujabhisa iChiefs.
Omunye walabo uSamir Nurkovic, owayengumgadli kwiKaizer Chiefs, kodwa waxoshwa isinyelelela kumasizini amabili edlule.
OLUNYE UDABA: UGavin Lane unxenxa iPSL ngokuhlolisisa abaphathi bamaqembu
UNurkovic usebuyele efomini yakhe eyamenza isithandwa sabalandeli beKaizer Chiefs njengoba esenamagoli amahlanu awushaye kulo nyaka emiqhudelwaneni ehlukene.
Njengoba ahamba engathandi kwiChiefs, lo mgadli kungenzeka awakhiphe wonke amangwevu ukuze ayigile.
Omunye uPuso Ditejane odlala esiswini. Lo mfana osemncane uxoshwe yiChiefs kulandela ukugoloa ukuqoqa amabhola emdlalweni wayo ngasekupheleni konyaka.
Kuthiwa yena nabanye bakhala ngokuthi sebekhulile, kumele ngabe baseqenjini elikhulu hhayi ukuthi bazoliqoqela amabhola.
IChiefs yabaxosha kanti uDitejane usheshe wazitholela ikhaya kwiGalaxy la asekhombise ukuba ngumdlali okhaliphile.