‘Wayevele ezoshiya kwiDowns noma engenawo omunye umsebenzi’
UPitso Mosimane wayesezimisele ukushiya kwiMamelodi Sundowns noma engenawo omunye umsebenzi ngaphambi kokuthi kuqhamuke i-Al Ahly imnike umsebenzi.
Lokhu kuvele ebufakazini obethulwe enkantolo yisikhulu esiphezulu senkampani ephethe izindaba zalo mqeqeshi, uMoira Thlagale eNkantolo eNkulu, iSouth Gauteng High Court.
UMosimane noThlagale – oyimenenja yakhe aphinde abe ngumkakhe – balethwe yiSundowns kule nkantolo.
Yabavulela icala ngoba ifuna babuyise imali elinganiselwa ku-R8-million yesibonelelo esakhokhelwa lo mqeqeshi esayina inkontileka entsha ngo-2020.
UPitso washeshe washiya kuleli qembu esanda kukhokhelwa le mali, manje iSundowns ithi wephula isivumelwano ngalokho.
Kodwa uThlagale uthi into eyayicika kakhulu uPitso wukuthi kwakuthiwa akaxolisele akusho ngesikhathi ewina iligi ngo-2019/2020.
“Bekukhona abantu eqenjini abebengafuni nginqobe isicoco seligi,” washo uMosimane.
ISundowns yabe seyizama ukumphoqa ukuthi axolise ngalamazwi akhe eyathi afaka iqembu ehlazweni elibi.
UTlhagale uveze ukuthi baba nomhlangano noPatrice Motsepe owayengumengameli weSundowns ngaleso sikhathi ukuzama ukulungisa lolu daba.
“Umhlangano ubusemahhovisi e-ARM (inkampani yemayini kaMotsepe) kukhona mina, umengameli (uPatrice Motsepe), nomqeqeshi (uPitso Mosimane).
“Umengameli waveza ukuthi kubukeka sengathi kunesiphithiphithi phakathi kwekilabhu nomqeqeshi,” kusho uThlagale enkantolo ngokubika kweSABC Sport.
“Umengameli wathi, okumqoka kuyena wubudlelwano phakathi kwemindeni (owakwaMotsepe nowakwaMosimane) kunobudlelwano phakathi komqeqeshi neqembu.
“Wathi kubaluleke kakhulu ukuthi ubudlelwano bomuntu siqu buvikelwe.
“Phakathi nezingxoxo, kwacaca ukuthi umengameli wayekhuluma amazwi ashiwo umqeqeshi ngalelo langa, nokuthi – ngokubona kwakhe – ubelindele ukuthi umqeqeshi axolise ngesitatimende sakhe…
“Umqeqeshi wabe esethi, ‘cha’ ngaleso sikhathi. Umqeqeshi wabona kungenasidingo sokuthi axolise.”
Ngesikhathi eqhubeka nokuhola ubufakazi u-Advocate Tembeka Ngcukaitobi ucele uTlhagale ukuthi achaze ngezizathu zomhlangano abawucelile nomengameli.
“Ngaleso sikhathi (29 kuMandulo ka-2020), njengoba sasihamba ngemoto siya eThekwini ngamaholidi, umqeqeshi wayenqume, ngokusekelwe emazwini kamengameli, ukuthi kubaluleke kakhulu ukuvikela ubudlelwano bomuntu siqu kunobeqembu.
“Ngakho umqeqeshi ubone sengathi mhlawumbe sekuyisikhathi sokuthi acele umengameli ukuthi amkhulule ngoba ubengazimisele ngokuvumelana naleso sitatimende ebesisekelwe ekwelulekweni kwezomthetho,” kuqhuba uTlhagale.
“Emhlanganweni ngaqala ngokutshela umengameli ukuthi sike sacabanga ngomhlangano esaba nawo ngomhla ka-15 kuMandulo, nokuphawula kwakhe, nomqeqeshi usenqume ukuthi kungcono ashiye iMamelodi Sundowns.
OLUNYE UDABA: Udube waqonda ekhaya uKhama Billiat ekhishwa ngelibomvu
“NgoLwesihlanu (25 kuMandulo ka-2020), ngaphambi komhlangano wangoLwesibili (mhla ka-29 kuMandulo ka-2020), ngibe sengithola ucingo olusemthethweni oluvela kwi-Al Ahly, bethi bafuna ukuthola usizo lomqeqeshi uPitso.
“Kumele ngisho ukuthi umengameli wayeshaqekile ngesinqumo somqeqeshi sokuthi uma engadedelwa yiqembu ukulungele ukuhamba noma ngabe unjani.
“Kusobala ukuthi umengameli wayenganeme ngalolo daba. Ngingasho ukuthi wayemangele futhi eshaqekile.
“Kodwa kusobala ukuthi kwabakhona lokho ngoba wayeqala ngqa ukuqonda ukuthi umqeqeshi ufuna ukushiya iqembu.”
Icala lasenkantolo selizoqhubeka mhla ka-3 kuNhlangulana ka-2024, lapho uTlhagale ezoqhubeka nokuphekwa ngemibuzo yithimba labameli beSundowns.