UMahlambi usevuke ngecebo lokugwema ijele
Owayengumdlali weMamelodi Sundowns, uPhakamani Mahlambi uzovela eNkantolo yeMantshi yaseKempton Park ngoMeyi 22 la azozama khona ukuthi kwesulwe icala abhekene nalo.
Le nkantolo yenqaba ngesikhathi evele okokuqala ngomhla ka-24 kuMbasa ukuba lesulwe leli cala.
Wadedelwa ngebheyili ka-R5 000 njengoba ayelale ezotokisini kulandela ukuvulelwa icala lodlame lwasekhaya yintombi yakhe.
UMahlambi nentombi yakhe kuthiwa baxabana bebanga ukusebenzisa i-microwave ngaphambi kokuthi kugcine kuqhuma isibhaxu.
Wayelale ezitokisini zamaphoyisa aseSebenza ngaseKempton Park. Wavela eNkantolo yeMantshi yaseKempton Park ngosuku olulandelayo ngamacala amabili okushaya nelodlame lwasekhaya.
Umthombo osondelene nalezi zithandani ongathandanga ukudalulwa watshela iScroll.Africa ngaleso sikhathi ukuthi laba bebesemzini wabo ngase-Edenvale ngesikhathi kusuka ingxabano.
Ngemuva kokubikela amaphoyisa, intombi kaMahlambi kuthiwa ibifuna ukuhoxisa amacala, kodwa inkantolo yanqaba ngoba udlame lwasekhaya luthathwa njengecala elibucayi.
Manje iSunday World ibika ukuthi uMahlambi uhlela ukuphikisa amacala athweswe wona odlame lwasekhaya ngokufaka izethulo kwiNational Prosecuting Authority (NPA).
Uzocela ukuthi kubuyekezwe isinqumo sokumshushisa futhi afune ukuba icala lokushaya elivulwe yintombi yakhe lihoxiswe.
OLUNYE UDABA: USinoxolo Kwayiba ungene emabhukwini omlando kwiChippa
UMahlambi uzimisele ngokulwela ukugwema ukuboshwa nokugeza igama lakhe kulezi zinsolo.