EzintshaNedbank Cup

URiveiro useziphendulele kuKopo ‘ngamagama alumelayo’ 

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, useziphendulele ngezinsolo zokusebenzisa ‘amagama alumelayo’ ewabhekise ebhentshini leChippa United.

Lezi zinsolo zenziwe umqeqeshi weChippa uKwanele Kopo ngemuva komdlalo walamaqembu kwiNedbank Cup.

IPirates idlulele kowamanqamu ngokushaya iChippa ngo 3-1 kulo mdlalo obuseNeslon Mandela Bay Stadium ngoMgqibelo ntambama. 

Ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo, uJose Riveiro uvumile ukuthi kube khona “ukungezwani” phakathi kwamabhentshi ngesikhathi somdlalo.

“Kuke kwaba nezikhathi zokushuba kwesimo phakathi kwamabhentshi ngenxa yokuthi isimo enkundleni ebengingagculisekile ngaso.

“Bengingeneme ngokuziphatha nokunye obekwenzeka ngesikhathi somdlalo okuyinto kimina engahlangene nhlobo nebhola,” kusho uRiveiro.

“Okunye okuyingxenye yomsebenzi wami wukuzama ukuvikela abadlali bami. 

“Ngingumuntu othule, onokuthula, onokuthula ngokwedlulele, kodwa kunezikhathi lapho kudinga usukume ubuze imibuzo ethile mayelana nokuthi kwenzakalani, yilokho kuphela.

“Khona-ke (uKopo) angakunikeza incazelo yokuthi… ngilungele ukuzwa amagama engiwashilo alumelayo noma angalumeli.

“Mina ngokwami akukho okwenzekile okungajwayelekile emdlalweni wendebe futhi inhlamba beyiqhamuka ndawo zonke, hhayi ebhentshini lethu kuphela. 

“Izinto ezenzeka phakathi nomdlalo lapho imizwa iphezulu… 

“Bekunogqozi olukhulu ngaphambi komdlalo izinto azangahamba ngendlela abebelale bephupha ukuthi zizohamba ngayo… 

“Futhi uzithole izinto sebhimba, kunzima ukuzibamba. Kodwa ngicabanga ukuthi ibhentshi le-Orlando Pirates liziphathe ngendlela efanele…

“Ngendlela esezingeni eliphezulu, ikakhulukazi ukuvikela abadlali bethu, okuyisibopho sethu.”

IPirates izokwazi ngeSonto ntambama ukuthi yiliphi phakathi kweStellenbosch FC neMamelodi Sundowns eyonqwamana nalo kowamanqamu embombela Stadium ngomhla ka-1 kuNhlangulana. 

IStellies izokwamukela iSundowns kowandulela owamanqamu eDanie Craven Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama.