UMokwena uyoziphendulela eZulwini – Ramovic
Uncome iMamelodi Sundowns, wathi iqembu lakhe, iTS Galaxy lingafunda lukhulu kuye umqeqeshi uSead Ramovic.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngoLwesihlanu ngemuva komdlalo wezakhe neSekhukhune United ophele zibamnbene ngo 0-0.
ISundowns isobozele isicoco sayo sesikhombisa kulandelana kusasele imidlalo eyisithupha kulandela ukubhaklaza iKaizer Chiefs ngo 5-1 ngoLwesine.
USead Ramovic uthe ufisa ukulakhe nelakhe iqembu, likwazi ukufaka inselelo kwiSundowns kuumasizini ezayo.
Kwethusile ke ukuzwa lo mqeqeshi encoma iSundowns kwazise yena nomqeqeshi wayo, uRulani Mokwena bayinja nekati.
Emdlalweni wakamuva babange ukuthi uMokwena usole uSead Ramovic ngokunxenxa abadlali bakhe ukuthi balimaze uBongani Zungu.
“Ngiyayihlonipha kakhulu ikilabhu (iSundowns),” kusho uRamovic ngesineke.
“Ingenye yaphambili e-Africa ngoba inamandla emali, inabadlali abahle, inabalandeli abaningi… abalandeli – konke kuhle nje.
Ube esebuzwa ngalezi zinsolo ezenziwe uMokwena osekuvele ukuthi ziqhathe yena (uRamovic) nabalandeli beSundowns asebemsabisa.
IGalaxy ikhiphe isitatimende inxenxa uRulani Mokwena ukuthi ahoxise lamagama akhe noma akhiphe ubufakazi.
“Uma umuntu eqamba amanga kuzokwenzakalani?,” kubuza uSead Ramovic ngoRulani Mokwena.
“Cabanga ke ngoba umdlali wethu (u-Orebotse Mongae olimaze uZungu) usevele uyasatshiswa ngabanye babalandeli.
“Cabanga ke uma ungumqeqeshi ongakwazi ukuzibamba ukhulume into enjena.
“Ngicabanga ukuthi kusezingeni eliphansi kakhulu (lokucabanga) kodwa njengoba ngasho uMr Sunshine kufanele ukuthi uyakwazi akwenzayo.
“Kodwa nani nizobona ekugcineni ukuthi yinto azakhele yona le futhi ayiyinhle neze.
“Futhi akikuthandi neze ngoba njengoba ngake ngasho kubalulekile ukuba ngumuntu omnene.
OLUNYE UDABA: OweChippa nezinsolo ezimbi ngoRiveiro weBucs
“Enganqoba inqwaba yezicoco njengokufisa kwakhe, futhi ngimfisela konke okuhle…
“Kumele anqobe iChampions League, anqobe nezinye izicoco eziningi…
“Angaba ngumqeqeshi ophambili emhlabeni, anginankinga ngalokho.
“Kodwa okusalayo wukuthi ngelinye ilanga uyoma phambi koMdali…
“Angicabangi ukuthi (uMdali) uyosibuza ngezicoco, angiboni ukuthi uyozibuza izinto ezinjalo.
“Uyobuza ukuthi ‘ngabe bewungumuntu olungile na?’. Yilokho okubalulekile ngokubuka kwami.
“Umuntu nomuntu unombono wakhe, kulungile lokho. Kodwa ngokwami, ngokwendlela engakhuliswa ngayo – kumele uhlezi umele iqiniso…
“Ungavumeli kube khona okubukela phansi, akudelele noma afafaze amanga ngegama lakho.”
USead Ramovic uveze nokuthi umengameli weGalaxy, uTim Sukazi uyalusebenza udaba lokuthi uRulani Mokwena alungise la ‘manga’ akhe.