Udliwe yizembe phesheya obegijima kwiKaizer Chiefs
UYagan Sasman akanaqembu njengamanje njengoba esanda kwehlukana neqembu laseSweden i-AFC Eskilstuna.
Imenenja yakhe, uGary Cassisa useveze ukuthi libhekephi ikusasa lale nsizwa eke yadlala kwiKaizer Chiefs neMoroka Swallows.
Ngemuva kokushiya kwiSwallows, uSasman ujoyine i-Eskilstuna ngesikhathi leli qembu selisemzuliswaneni wesibili wesizini edlule.
Ushiye ngesikhathi begawulwa yizembe ekupheleni komkhankaso, lapho beqede khona endaweni ka-16 ngamaphuzu angu-31 emidlalweni engu-30.
USasman uzamile ukufaka isandla ekuvikeni izembe emidlalweni emithathu ayidlalile, wenze kahle.
I-Eskilstuna manje isidlala kwiNorth Stream yeDivision 1 yaseSweden.
Imemenja yakhe, uGary Cassisa weMede 8 Sports ukuqinisekisile ukuthi okwamanje basezingxoxweni namaqembu aseSweden njengoba lo mdlali efisa ukuqhubeka khona.
Nokho ukubuyela kwiDStv Premiership akuyona into angayixwaya uma kuba neqembu elibeka into ebhekile etafuleni.
“Ubuyile, ulapha njengamanje kodwa simatasa nezingxoxo namakilabhu aseSweden ukuze sibone ukuthi uzoya kuliphi,” kusho uCassisa etshela iFARPost.
“Ngaphandle uma kukhona ikilabhu yePSL eza nesiphakamiso, ithi iyamfuna. Kodwa ufuna ukubuyela eSweden.”
OLUNYE UDABA: Sengiyakwazi okufunwa uRiveiro kimi
Lo mdlali odlala ngonyawo lwesokunxele uqale ibhola elikhokhelayo ngo-2014, enyuselwa eqenjini elikhulu yi-Ajax Cape Town.
Wayekhona ngesikhathi i-Urban Warriors idliwa yizembe ekupheleni kwesizini ka-2017/18.
Njengoba echithe iminyaka engu-12 neqembu laseWestern Cape, uSasman wajoyina iKaizer Chiefs ekuqaleni komkhankaso ka-2019/20.
Udlale imidlalo engu-33, washaya amagoli amathathu kwiGlamour Boys.
Ushiye leli qembu wadlulela kwiMoroka Swallows ngaphambi kokuthi agcine ethole ithuba lokuya eSweden.