Ngabe uzohlawuliswa uMsimango ngokufaka iChiefs ehlazweni?
Eminyakeni eminingi edlule, ngafunda ngoDarren Fletcher, owayedlalela iManchester United futhi wayesela ko-20 ngokweminyaka ngaleso sikhathi.
Wayexoxa kabanzi ngokuthi uSir Alex Ferguson wayengafuni nelincane iphutha kunoma yimuphi umdlali.
UFletcher wathi lo mqeqeshi wodumo wayexosha ngisho umdlali osemnkantshubomvu uma enza iphutha elibucayi ngisho ngabe basejimini.
UFletcher waphinde wachaza ukuthi uSir Alex wayemjezisa kanjani umdlali ngokuthola ikhadi eliphuzi elingenasidingo.
Uma uthole ikhadi elingenasidingo, wayekuxosha athi buyela enkulisa uyozilolonga nezingane bese engakudlalisi emdlalweni olandelayo.
Leyo kwakuyindlela yokukujezisa ngokuthola ikhadi elingenasidingo noma ukwenza iphutha elibucayi nelidlisela iqembu.
UThiago Alcantara noDani Alves nabo bake bsho into exishe ifane ngoPep Guardiola.
U-Antonio Conte naye kuthiwa ungumphathi ofanayo. Kwakukhona noPaul Dolezar owayenjalo.
Ngikhumbula laba baphathi uma ngibheka indlela uRonald Araujo alimaza ngayo iBarcelona, enciphisa amathuba ayo kowamanqamu weChampions League.
Lokhu wakwenza ngokuthola ikhadi elibomvu kulandela ukudlalisa okomuntu ongacabangi ngokugcwele.
IBarca igcine ihlulwa kulowo mdlalo, yalahlekelwa yizigidi zamaRandi ebizowenza ngokufinyelela kowamanqamu kulo mqhudelwano.
Kodwa akazange ahlawuliswe u-Araujo. NgoLwesine ebusuku sibone uGiven Msimango ehlinzela iKaizer Chiefs ezibini.
OLUNYE UDABA: URulani Mokwena ubonge ukwesekwa uMotsepe enqoba eseligi
Uqinisekise ukuthi isala nabadlali abayishumi kusasele imizuzu engu-70 idlala nelinye lamaqembu ahamba phambili ezwenikazi.
Kube yini umphumela? IChiefs ihlulwe kanzima, ngendlela ebingakaze ihlulwe ngayo selokhu kwasungulwa iPSL.
Ngemuva kokuthi uHappy Mashiane enza okufanayo, wagaxelisa iChiefs ngokuthola ikhadi kowamanqamu weCaf Champions League eminyakeni embalwa edlule, wanyamalala eqenjini.
Ngabe kufanele yini kwenzeke okufanayo nakuMsimango okuqinisekise ukuthi isizini evele inzima kwiChiefs iphenduka ihlazo elikhulu?
*Lo mbono siwucoshe komunye wabasebenzisa uFacebook.