EzintshaNedbank Cup

Makhaula: Sengiyakwazi okufunwa uRiveiro kimi

UMakhehleni “Nyembe” Makhaula, oyinjini ye-Orlando Pirates uzibona engakafiki lapho efuna khona ngebhola lakhe.

Lo mdlali oneminyaka engu-34, odabuka eMohlakeng, eGoli, usekwisizini yakhe yesibili kweZimnyama.

Uthi useyaqala ukubona ukuthi yini eyenza uJose Riveiro amlande kuMaZulu njengoba esemsebenzisa njalo.

“Uma ngifika kwi-Orlando Pirates ngihlushwe ukulimala,” kusho uMakhaula ekhuluma neLisenethini kuleli sonto.

“Lokho kwenze ngangawubamba umgqigqo wami. Manje nami sengiyabona ukuthi umqeqeshi uJose Riveiro ubedingani kimi njengoba engilande kuMaZulu FC. 

“Ukuthola isikimu kungumphumela wokusebenza kanzima ejimini kuqala. 

“Njengoba nawe uyazi i-Orlando Pirates, iyiqembu elikhulu elinabadlali abaningi abanohlonzo,” kwengeza uMakhaula. 

IPirates ime kahle ngokwabadlali kule ndawo edlalwa uMakhehleni Makhaula. Kumanje uyibanga noMiguel Timm, Ndabakayithethwa Ndlondlo, Thabang Monare, phakathi kwabanye.

Bese kuke kwanezinkuumo zokuthi isikhathi sikaMakhaula siphelile kwiPirates njengoba ebengadlali.

Kodwa yena uthi uzimisele ngokulilwela ijezi futhi uma enikwa ithuba uzowakhipha wonke amangwevu akhe.

Lo mdlali uqale ukugqama ebholeni elikhokhelayo edlala kwiFree State Stars la anqoba khona isicoco sakhe sokuqala bedla iNedbank Cup. 

Wadlulela kwiHighlands Park, kwathi uma idayiswa yena wathathwa AmaZulu FC la afike waba yinjini ngaphansi kukaBenni McCarthy waze wenziwa ukaputeni. 

UMakhehleni Makhaula ungomunye wabadlali ababhekiwe ukuthi basize iPirates njengoba izobhekana neChippa United ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Lamaqembu azobe ebanga ukuzibekisela indawo emdlalweni wamanqamu kwiNedbank Cup ozoba mhla ka-1 kuNhlangulana.