DStv Premiership

URulani Mokwena ubonge ukwesekwa uMotsepe enqoba eseligi

URulani Mokwena ukholwa ukuthi kusazothatha isikhathi abantu baseNingizimu Afrika babone iqembu eliwumshini njengeMamelodi Sundowns.

AmaBrazilians ahlephule kwasani evela phambi kwawo, abeka amarekhodi amasha njengoba esenqobe nesicoco DStv Premiership futhi kusasele imidlalo eyisithupha. 

Kumanje iSundowns seyibheke ukuba yiqembu lokuqala ukuqeda isizini lingahlulwanga emidlalweni yeligi. 

“Angicabangi ukuthi sizobona elinye iqembu elizobusa ngale ndlela,” kusho uRulani Mokwena.

Ubekhuluma nabezindaba kulandela ukuthela othulini iKaizer Chiefs, abayishaye ngo 5-1 ngoLwesine ebusuku. 

“Iqembu elingakhathali futhi elidlala ngale ndlela ngokungaguquki. 

“Akukhona nje ngemiphumela kodwa ukuthi siyikhiqiza kanjani imiphumela. 

“Uneqembu eliseqophelweni eliphezulu ngokudlala ibhola nokho elikhonyayo ngesibalo samathuba eliwadedelayo nasemagolini eliwahlohlayo. 

“Lokho kuphambene nomqondo ojwayelekile webhola. Ngokujwayelekile amaqembu ahlezi phansi anerekhodi elihle kakhulu lokuvikela kodwa siyiqembu elihlaselayo futhi siyakhonya.

“Ngelinye ilanga ngike ngabona ucwaningo lapho bebeqhathanisa khona amaqembu kanti asondele ku-5 000 amaqembu emhlabeni. 

“Siphume isithathu ngenani lokuphaselana ibhola. Kwambili kwaba yiFluminense FC, kwalandela i-Bayer Leverkusen… lokhu kuyamangaza.”

Njengoba iSundowns isacwile ebuhlungwini bokukhishwa kwiCaf Champions League yi-Esperance, uRulani Mokwena unikele isicoco seligi kusihlalo weqembu uTlhopie Motsepe.

“Iyodwa indlela yokuphendula ukuthi lokhu kusho ukuthini eqenjini wukunikezela lesi sicoco kusihlalo wale kilabhu yebhola uTlhopie Motsepe,” ephetha.

“Useseke kakhulu ezikhathini ezinhle nezimbi. Angazi mingaki imiyalezo ebengilokhu ngiyithola kulezi zinsuku ezimbalwa ezedlule ngemuva kokuthi sikhishwe kkwiChampions League… 

“Lena iya kusihlalo nekilabhu kodwa ngenxa yokuthi ikhethekile futhi ingeyesikhombisa kulandelana, ngithanda ukuyinikezela ngokusemthethweni kusihlalo wale kilabhu.”