DStv PremiershipEzintsha

Johnson: iDowns ayingihlulanga ngamaqhinga

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uCavin Johnson, ukuchithile ukuthi iMamelodi Sundowns imhlule ngamaqhinga imshaya ngo 5-1 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesine.

Kuyiwe ekhefini zisabambene ngo 0-0 yize iChiefs ibingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kukaGiven Msimango ngomzuzu ka-19.

Kodwa iSundowns ikwazile ukuyihlakaza iChiefs ngesiwombe sesibili, uTashreeq Matthews evalela phakathi amabili, kwathi uMathias Esquivel, uLucas Ribeiro noThembinkosi Lorch nabo bawabhala amagama abo emabhukwini abashaye amagoli.

Elokubika ekhaya leChiefs kube yiphenathi eshaywe uMduduzi Shabalala.

UCavin Johnson, nokho, ukhollwa wukuthi yiphutha lonompempe elidale izinkinga zeChiefs, layiqhatha nenduku.

“Igoli labo lokuqala liqhamuke kade kudlaliswe kabi umdlali wethu kodwa unompempe walikhomba kwiSundowns,” kusho uJohnson

“Kusukela ngaleso sikhathi (iSundowns) yaya ngaphesheya (kwenkundla) yashaya igoli. 

“Lokho kuyabagqilaza emoyeni abadlali, yileyo inkinga yethu. 

“Kuyasigqilaza thina lokho. Besivele sesishoda kanti ibhola bekumele kube ngeleChiefs. 

“Ngemuva kwalokho izinto zivele zabhimba kakhulu. Angicabangi ukuthi bangihlulile ngamaqhinga,” kwengeza lo mqeqeshi obambile.

“Kuyababulala abadlali (isinqumo segoli lokuqala) bekungelona igoli, bekuyibhola leChiefs. 

“Babe sebethola umgqigqo, basihlasela mawala bagcina bethole negoli lesitathu, elesine nelesihlanu… 

“Abadlali bethu bese bedlalela emuva, behlehla okuyinto esingayivamile. 

“Kodwa angicabangi ukuthi bangixakile (ngokwamaqhinga), ukuthu nje senze izinto ezingalungile enkundleni.”

UJohnson usesalelwe yimidlalo emine njengomqeqeshi weChiefs bese ebuyela esikhundleni sakhe sakudala sokuphatha enkulisa.

IChiefs izolanda umqeqeshi omusha okunguye ozobe ecija leli qembu ngesizini ezayo, ebhekene nomsebenzi wokubuyisa isithunzi salo.