DStv PremiershipEzintsha

OweBucs uveza obekumkhathaza ngoShalulile

UDion Hotto, oyibamba ophondweni lwesinxele kwi-Orlando Pirates naseqenjini lesizwe laseNamibia, useveze ukwenama kwakhe ngokubuyela efomini kukaPeter Shalulile.

Ekhuluma neLisenethini, uHotto ukhale ngobuhlungu abebuzwa ngokungashayiboniswa inethi komkhaya wakhe ophinde abe ngumngani wakhe. 

“Ubehlala ebalisa ngokuvukelwa yishobolo lokungawashayi amagoli. Bekumgqilaza kakhulu emoyeni wakhe,” kusho uHotto.

“Kwamina bengingaqondi kahle ngempela ukuthi kudalwa yini ngoba ngakhula naye uSha-Sha… 

“Sazana kusukela sisadlala kweminye imiqhudelwano ekhaya eNambia. 

“Bbengazi kahle ukuthi uzowashaya amagoli noma kanjani. Futhi kungijabulisile ukuthi abuyele efomini yakhe.” 

Kuzokhumbuleka ukuthi uShalulile ubekade ayegcine ukushaya inethi ngoZibandlela ngesikhathi iSundowns ishaya iCape Town Spurs. 

Kuphele izinyanga ezine engashayi goli. Kodwa le ndlala uyiqedile ngoLwesibili eshaya amabili bebhekene neTS Galaxy eLoftus Stadium, ePitori.

Uzobe ebhekiwe ukuthi ibuye ngampela yini ifomu yakhe uma iSundowns seyigadulisana neKaizer Chiefs eFNB Stadium ngoLwesine ebusuku.