Ezintsha

ISundowns ifuna uPitso axolisele akusho ngo-2020

URejoice Simelane ongumqondisi kwiMamelodi Sundowns useveze izizathu eziholele ekutheni bafune uPitso Mosimane axolise ngokungaboni ngasolinye kwabo kwezomthetho.

Uthi uMosimane wephule inkontileka yakhe ngokwenza izitatimende ezidicilela phansi isithunzi seqembu ngaphambi kokuthi afulathele elakuleli aye kwi-Al Ahly ngo-2020.

Ekhuluma no-Advocate Tembeka Ngcukaitobi, omele uMosimane, eNkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng eGoli, uSimelane uthe okwashiwo uPitso ngemuva kokunqoba iligi ngesizini ka-2019/20, kwahlambalaza iqembu.

UPitso wakhala ngokuthi kukhona abathile ababezama ukumhlinzela ezibini, bengafisi aphumelele. 

“Bekunabantu eqenjini abebengafuni nginqobe lesi sicoco seligi,” washo kanje uPitso ngaleso sikhathi. 

Amaphepha asenkantolo, ngokubika kweSABC Sport aveza ukuthi iSundowns ithi ingxenye yenkontileka ithi kumele ibuye imali anikwa yona yesibonelelo sokusayina inkontileka entsha uma inqanyulwa. 

Kodwa-ke, i-MT Sports ithi ukunqanyulwa okuhlobene nokuziphatha kwabo noma okwabaqondisi babo akufanele kubenze babuyise le mali. 

Ngesikhathi kuqhubeka amacala enkantolo, kuvele ukuthi ubudlelwano phakathi kukaMosimane neSundowns buye baba muncu ngemuva kokuba iqembu lithole isicoco seligi, iTelkom Knockout neNedbank Cup, ngaphambi kokuthi aye e-Egypt. 

U-Advocate Ngcukaitobi uveze ukuthi uMosimane watshela umengameli (uPatrice Motsepe) emhlanganweni ngoSepthemba 2020 ukuthi ubudlelwano bokusebenzisana neSundowns abusebuhle. 

UMosimane kuthiwa uveze ukuthi uma umengameli enquma ukungabadedeli ukuthi bajoyine i-Al Ahly, bazosamukela isinqumo sakhe kodwa bancamela ukuphelelwa umsebenzi.

USimelane wenqabile ukuphawula ngesikhathi ebuzwa ngalolu daba. 

Ngaphezu kwalokho, uziphikile izinsolo zokucwaswa kukaMoira Tlhagale, umqondisi pphethe iMT Sports ophinde abe ngunkosikazi kaMosimane. 

Lolu daba luqubuke ngesikhathi iMT Sports nethimba labameli bakaMosimane bebuza ngezinkontileka zamanye ama-agent asebenzisana neSundowns nokuthi zikhona yini izigaba ezifanayo. 

Icala kuhlelwe ukuthi liqhubeke ngoLwesihlanu, kanti kulindeleke ukuthi uTlhagale ethule ubufakazi.