DStv PremiershipEzintsha

Akaqedile uMabasa ngokuvuthulula inethi

UTshegofatso Mabasa ukholwa wukuthi iqembu ‘elikhulu’ njenge-Orlando Pirates lifanelwe ukudlala nokuqhudelana kwiCaf Champions League wonke amasizini.

IPirates, ehlule iCape Town City ngo 2-0 ngoLwesithathu, kumanje isendaweni yesithathu kwilogi yeDStv Premiership.

Isele ngamaphuzu amathathu kiStellenbosch FC esendaweni yesibili, equmbe phansi iGolden Arrows ngo 3-0 ngosuku olufanayo. 

Sekusele imidlalo emine ngaphambi kokuphela kwesizini.

INingizimu Afrika inikwe izindawo ezimbili kwiCaf Champions League kanti eyodwa isivele ivalwe yiMamelodi Sundowns.

Ngakho indawo yesibili isizobangwa kanti umjaho wayo uphakathi kwamaBhakabhaka neStellies.

“Leli yiqembu elikhulu futhi leli qembu lifanelwe ukudlala kwiCaf Champions League isizini nesizini futhi yilokho kanye esikuhlosile,” kusho uMabasa, oshaye amagoli amabili benqoba kwiCity ngoLwesithathu.

“Ngikholwa wukuthi singakufeza lokho. Sizoqhubeka nokwenza umsebenzi futhi siqoqe amaphuzu amathathu lapho singakwazi khona.”

UMabasa ugeje amathuba ambalwa ngesikhathi benqoba kwiCity kanti lo mgadli akazange ajabule ngalokho yize ekwazile ukushaya amagoli amabili.

“Ngingumgadli. Ngiyawakhalela kakhulu amathuba engiwagejayo, ngakho-ke uma ngithola okungenani amathuba amahlanu emdlalweni, ngifuna ukuvalela enethini amathathu. 

“Yimi lowo, yilokho engiyikho futhi ngisazoqhubeka nokusebenza ngakho ukuze ngifeze izibalo engizibekele zona,” kusho uMabasa.