Uphelelwa yindawo kwiPirates umdlali onamava
Umdlali we-Orlando Pirates uThabang Monare angase avalelise kuleli qembu njengoba inkontileka yakhe izophela uma kusongwa le sizini.
UMonare, oneminyaka engu-34, ujoyine iPirates ngo-Okthoba 2020 ngemuva kokudayiswa kweBidvest Wits ijikwa iba yiTshakuma Tsha Madzivhandila.
Usehlanganise imidlalo engu-93 kwiPirates, wanqoba izindebe ezintathu zeMTN8 neyodwa yeNedbank Cup, washaya igoli elilodwa.
U-‘Desh’, ookuyigama lalo mdlali lesidlaliso, uphinde waba yilungu eliqavile leqembu leBafana Bafana elithole indondo yethusi kwi-Africa Cup of Nations ka-2023 ebise-Ivory Coast.
Yize evuselele inkontileka yakhe nePirates ngonyaka ekuqaleni kwale sizini, kubukeka sengathi uMonare uzoshiya ekupheleni kukaJuni.
Umqeqeshi, uJose Riveiro unenqwaba yabadlali angakhetha kubo kule ndawo okudlala kuyo uMonare.
BUKA: OweSwallows ugcone uSukazi ephela yinduku yeDowns
Kusukela ebuye kwi-Afcon, uDesh usadlale imizuzu engu-22 kuphela kwiPirates, ngokubika kwe-iDiski Times.
Ngaphezu kwalokho, ukusayinwa kukaThalente Mbatha ngokuphelele ekupheleni kwesizini kwenza sibonakale singasekho isikhala sikaDesh.
Kule ndawo iPirates ibophele uMiguel Timm, Ndabayithethwa Ndlondlo, Makhehleni Makhaula, Fortune Makaringe noSiphelo Baloni.
Kuvela ukuthi uRoveiro ubekelwe umgomo wokuthi aqale asebenzise kakhulu abadlali abasebancane ngeminyaka ukuze akhele ikusasa.
Ngaphezu kokusayinwa kukaMbatha ngokugcwele, kuzobuya noGoodman Mosele obebolekiswe kwiChippa United la afike wadlala kahle kakhulu.