Isheshe yadlula ekaVilakazi weChiefs noLakay
Alfred Ngubane
UMfundo “Obrigado” Vilakazi ucishe wazimoshela igama lakhe asalakha ngesikhathi ‘ethuka’ uLyle Lakay ngempelasonto.
Lo mdlali osemncane weKaizer Chiefs usexolisile ngokukhomba kwakhe ngomunwe owuphawu lwenhlamba embi uLyle Lakay.
Laba badlali bahilizisane emdlalweni weKaizer Chiefs neSuperSport United ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo odlule.
Kulokhu kuhilizisana kwabo uVilakazi, oneminyaka engu-19 ukhiphe lo munwe osho ukuthi ubembiza ngaphansi kweziketi uLakay oneminyaka engu-32.
Kodwa ekupheleni komdlalo babuyisene njengoba uLakay eveze ukuthi uVilakazi uxolisile ngale nhlamba ambize ngayo.
Uthe seyidlulile ngoba vele bekuyingxabano encane nje yasenkundleni.
“Ilungisiwe leyo, sikhulumile, waxolisa,” kubhala uLakay kwi-X ekuqaleni kwesonto.
“Kuyingxenye yomdlalo uma sekuphakeme imimoya )ngenxa yokushuba komdlalo. Ungumfanyana olungile.”
Nokho uVilakazi ube nenhlanhla ukuthi onompempe bengamboni enza lento ngoba kuvela ukuthi ubengakhishwa nangekhadi elibomvu.
Phela akuvumelekile ukuthi umdlali athuke abanye abadlali noma izikhulu noma abaqeqeshi.
UVilakazi ungomunye wabadlali abasebancane kodwa abakhombisa ukuba nethalente elihle elingagcina lisiza naseqenjini lesizwe iBafana Bafana ngokuhamba kweminyaka.
FUNDA NALA: Inkinga enkulu ebhekene noJohnson weChiefs
Njengamanje usangena nje eqenjini elikhulu kwiChiefs futhi kufanele afunde ukuziphatha ukuze angamoshakalelwa yikusasa lakhe.