DStv PremiershipEzintsha

I-TS Galaxy isongela uMokwena ngomthetho

I-TS Galaxy seyikhiphe isitatimende seyibekele umqeqeshi weMamelodi Sundowns amahora angu-24 ukuthi aqhamuke nobufakazi ngezinsongo azenzile noma abhekane nomthetho. 

Lesi sitatimende se-TS Galaxy sihambisana nevidiyo la uMokwena esole khona ukuthi umdlali wakhe uBongani Zungu ulinyazwe ngamabomu. 

UZungu uphume esethwelwe ngohlaka kade esandokungena ezakhe zibhekene neSundowns emdlalweni weDStv Premiership ePitori ngoMsombuluko. 

Ngemuva komdlalo uMokwena ubediniwe, walibeka ngembaba elokuthi lo mdlali ulinyazwe ngabomu.

Uthe bebeziphindiselela kwazise uZungu naye walimaza kabana uBernard Parker lamaqembu egcina ukudlala nyakenye. 

“I-TS Galaxy FC iyakuphikisa lokho okushiwo umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwna ethi umqeqeshi wethu nguyena obangele ukulimala komdlali weSundowns uBongani Zungu emdlalweni wethu izolo ebusuku. 

“UMokwena uqambe amanga aluhlaza okuyinto esiyibuka njengehlazo elikhulu emdlalweni wethu akanandaba nokuthi umele yiphi ikilabhu. 

“Uma uMokwena esakholelwa emangeni akhe, manje sesimbiza esidlangalaleni ukuthi afakazele izinsolo zakhe kungakapheli amahora angama-24… 

“Uma kungenjalo iqembu nomqeqeshi wethu bazolwela amalungelo abo emthethweni,” sifundeka kanje isitatimende se-TS Galaxy. 

UZungu ulinyazwe u-Orebotse Mongae okhishwe ngekhadi elibomvu ngemuva kwalesi sigameko. 

UMokwena uthe umqeqeshi weGalaxy, uSead Ramovic nguye ohlohle abadlali bakhe ukuthi balimaze uZungu.

Uthe lokhu ukwenze ngokuthi ababukise ividiyo yokulimala kukaZungu bese ebatshela ukuthi: ‘Niyakhumbula kwenzakalani kuParker.” 

Ivele ke impi yamazwi kulaba baqeqeshi ayiqali manje njengoba naphambilini beke babhaxabulana khona esidlangalaleni.

Kulokhu uRamovic uthe ngeke yena esaphendulana noMokwena futhi cishe ubesezwe zona lezi zinsolo ezibucayi.