DStv PremiershipEzintsha

BUKA: OweSwallows ugcone uSukazi ephela yinduku yeDowns

Usihlalo weMoroka Swallows ugcone uzakwabo weTS Galaxy ngesikhathi ebukela ezakhe zinikizwa yiMamelodi Sundowns ngoMsombuluko ebusuku.

ISundowns iyikhiphe inkani iRockets iyishaya ngo 3-0 ovuthayo emdlalweni weDStv Premiership ophele sekunezidubedube zokuxabana.

Ngesikhathi umdlalo uqhubeka, ezakhe sezilandela ngemuva ngo 3-0, uSukazi uvele kumabonakude edansela ingoma yabalandeli beSundowns. 

UMogashoa ube esefaka ividiyo yalokhu, wayiphelezela ngombhalo wokugcona lo zakwabo ngokuthi iSundowns ikushaya uze ugcine usudansa nabalandlei bayo. 

“Enye into ngeMamelodi Sundowns ukuthi uzozithola usudansela umsindo wezigubhu zayo, ukhohlwe wukuthi ugodle esakho,” ubhale kanje uMogashoa. 

Kube sekungena abalandeli, iningi labo likuqonda ukuthi yihlaya nje phakathi kosihlalo bamaqembu. 

Babe khona ke nongoma uyayona ababone kuyinto embi ukuhlekisa kukaMogashoa ngeGalaxy uma ithola induku. 

IGalaxy isazophinde idlale neSundowns emdlalweni wokugcina wesizini kwiligi la kulindeleke ziphinde zikhale. Buka ividiyo ngezansi: