UManyisa uveza ithuba alincishwa lokuya kwiMan United
U-Oupa Manyisa owayengumdlali we-Orlando Pirates, useveze ukuthiwake wayozama inhlanhla kwiManchester United.
Uthi ngaphambi kokusayinwa yiPirates, esafunda isikole, wathola ithuba lokuyojima nalezi zinkunzi ezihlonishwa umhlaba wonke.
Ngaleso sikhathi wayedlala kwi-Africa Sport Youth Development Academy, okuyisikhungo, esasiphethwe owayeyisihlabani seMamelodi Sundowns, uHarold “Jazzy Queen” Legodi.
Yiso lesi sikhungo esatholela uManyisa ithuba lokuyoziqeqesha nezingwazi zeManchester United oRyan Giggs noPaul Scholes.
Nakuba uManyisa ajima nabafana abangangaye enkulisa yeMan United, wagcina engathathwanga kodwa amava awathola kulolu hambo amsiza kakhulu.
“Bekungunyaka wami wokuqala (esikhungweni) ngenza uGrade 10 ngesikhathi (uHarold Legodi) engithatha engisa kwiManchester United.
OLUNYE UDABA: Okuzokwenza uShabalala abe yizihlabani kwiChiefs
Ubekhuluma noJosta Dladla kwiPodcast yakhe Izinja zeGame muva nje.
“Impela, yona kanye iManchester United le yoRonaldo, oPaul Scholes noRyan Giggs.
“Ngesikhathi ngikhona ngiziqeqeshe nenkulisa. Ngicabanga ukuthi iqembu lokuqala belinomdlalo wasekhaya…
“Kodwa uPaul Scholes noRyan Giggs bebengekho eqenjini elalizodlala ngakho bazilolonga nathi.
“Ngaphumelela ekuhlolweni kwami futhi kwakufanele ngibuyele khona kodwa uJazzy Queen wathi kumele ngiqede isikole kuqala.
“Kwakungemina kuphela, kwakukhona umfana owaya kwiBarcelona kanti abanye baya kwiChelsea.
“Saya nakwiStrasbourg FC lapho bekudlala khona uKatlego Mphela.”
UManyisa uchithe iminyaka eyisishiyagalolunye kwi-Orlando Pirates njengoba ajoyina leli qembu esuka kwi-Africa Sport Youth Development Academy ngo-2008.
Kamuva wajoyina iMamelodi Sundowns ngo-2017 kodwa kwiBucs yilapho azakhela khona igama, wenza nezinkumbulu angasoze azilibale.