DStv PremiershipEzintsha

Ngabe uTito ufanelwe yindondo? UJose Riveiro uyaphawula

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, useveze owakhe umbono ngenkulumompikiswano eqhubekayo ngozoba nguMdlali weSizini kwiDStv Premiership kulokhu. 

Igama lomdlali wezikaJose Riveiro, uPatrick Maswanganyi, lolokhu livela kwawalabo ababonakala befanelwe yile ndondo. 

Lo mdlali waziwa ngelika’Tito’ kubalandeli kanti ungomunye wabadlali abangasali esikimini sikaJose Roveiro.

Nezindondo zokuba nduMdlali oVelele emidlalweni usezibuthe kakhulu, cishe kwanaye uMaswanganyi akasazazi zingaki. 

Kusukela ejoyine esuka kwiSuperSport United ngonyaka odlule, uMaswanganyi useveze ikhono lakhe ngamagoli ayisishiyagalombili nokubekela ozakwabo oqekelele amahlandla ayisishiyagalombili emidlalweni engu-33 kwiPirates. 

Ebuzwa ngokuqokwa kukaMaswanganyi emklomelweni woMdlali woNyaka, uRiveiro uzwakalise ukumethemba lo mdlali odlala ngonyawo lwesokunxele.

Uveze ukuthi usezakhele nogazi kubalandeli bebhola. URiveiro ukholwa ngokuqinile ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-26 ukhona embangweni wale ndondo. 

“Ngicabanga ukuthi abantu bayamthanda, ngingubani mina ukuthi abantu kufanele bamthande noma bahlonzwe njengomdlali wesizini,” kusho uRiveiro.

“Abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika banohlobo lwebhola abalithandayo. Bayalazi futhi ibhola abafuna ukulibuka.

“Futhi ake sibone, njengoba ngishilo ekugcineni kubalulekile ukuthi iqembu lithole imiphumela emihle nokwenza kahle ngaphambi kokuthi kuqgame abathile.

“Kusobala ukuthi ukhona embangweni wale ndondo, kodwa ke sizobona.” 

UTeboho Mokwena weMamelodi Sundowns nguye odle lesi sicoco ngesizini edlule, wasisheba nesomdlali wasesiswini iphambili, neseFootballer of the Season.

Ukudlala kahle kwakhe isizini yonke kulezi zinkunzi zaseTshwane kumenza aphinde abe ngomunye wababhekise kulezi zindondo.