DStv PremiershipEzintsha

Johnson: Okuzokwenza uShabalala abe yizihlabani kwiChiefs

Umqeqeshi wesikhashana weKaizer Chiefs, uCavin Johnson, ubona izimpawu ezithembisayo zokuvuseleleka kwethalente lomdlali osemncane uMduduzi Shabalala. 

UMduduzi Shabalala ushaye igoli elinqobise iChiefs inqoba ngo 2-1, ihlula iSuperSport United ngoMgqibelo. 

Ngaphambi kwaleli goli, wayegcine ukushaya inethi ngoFebhuwari 2023 bebhekene neGolden Arrows.

Uke waba nanenkinga yokweqiwa yijezi futhi usadlale imidlalo engu-14 kule sizini.

Nokho leli goli alishayile lenza uJohnson abone ezobuyelwa wukuzethemba, kubuye nefomu yakhe. 

“Bheka, uShabba usenesikhathi ephuma engena ephuma (eqenjini eliqala imidlalo)… 

“Ngesikhathi ngiqala ngamnika imidlalo embalwa, usephinde wabuya,” kusho uJohnson.

“Ubehlezi engumdlali osezingeni, ubelwela ukuba seqenjini, futhi namuhla ushaye igoli.

“Ngakho kufana nanoma yimuphi omunye umdlali osendaweni yakhe – ukushaya igoli kubenza babe abadlali abangcono. 

“Ngakho-ke mina ngicabanga ukuthi udlale kahle kakhulu,” kwengeza lo mqeqeshi.

Omunye umfana weChiefs osekubhekwe ngabomvu ukushaya kwakhe igoli lokuqala ezingeni elikhokhelayo nguMfundo Vilakazi.

Yena usadlale imidlalo embalwa esuka ebhentshini, nokho angene kubonakale akwenzayo. 

UJohnson uthi lo mdlali, oneminyaka engu-18, osanda kusayina inkontileka entsha yeminyaka emine kuleli qembu, akusekude aqale imidlalo. 

“Lokho kuncike emaqhingeni ezimbangi ezilandelayo, nokuthi simbona enza konke okusemandleni ukuze iqembu liphumelele. 

“Kodwa ungumdlali osezingeni eliphezulu, futhi uzoyiqala imidlalo kungekudala.” 

Emdlalweni olandelayo, iChiefs izobhekana nompetha abavikela isicoco seDStv Premiership, iMamelodi Sundowns eFNB Stadium ngoLwesine ngo-7.30 ebusuku. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *