EzintshaMotsepe Foundation Championship

Isiyavela kwalwela ukwenyuka iMartitzburg 

IMaritzburg United iqoqe amaphuzu amathathu ekuhambeni eLimpopo ishaya iMagesi FC ehlezi phezulu kwiMotsepe Foundation Championship. 

EzaseMphithi zinqobe ngo 2-0  kulo mdlalo obalulekile nozibuyisele embangweni wokwenyukela kwiDStv Premiership. 

Yize sekubukeka kungaba wumlingo ongasiza leli qembu linqobe lesi sigaba bese linyukela kwiPremiership, kodwa ngokwezibalo amathuba asekhona. 

Kodwa ke okubukeka kungenzeka wukuthi iMaritzburg ingene emidlalweni yokuhlunga ngokuqeda endaweni yesibili noma yesithathu. 

Leli qembu laKwaZulu-Natal lihlezi endaweni yesihlanu kwiChampionship njengoba seliqoqe amaphuzu angu-38. 

Sekusele imidlalo emine isongwe le ligi, kanti umbango ushube kakhulu manje. 

IMagesi isidinga ukunqoba imidlalo embili kuphela kule esele ukuze iziqinisekisele indawo kwiPremiership ngesizini ezayo. 

Leli qembu elicijwa umakadebona uClinton Larsen seliqokelele amaphuzu angu-49 emidlalweni engu-26. 

Amanye amaqembu asembangweni kule ligi yi-University of Pretoria esendaweni yesibili, yiJDR Stars ekweyesithathu, neBaroka FC ekweyesine.