DStv PremiershipEzintsha

IChiefs iyinqe elilinde kufe iRicahrds Bay, izitike

Kulindeleke ukuthi iKaizer Chiefs igasele kwiRichards Bay iyofuna abadlali ekupheleni kwesizini, ikakhulukazi uma leli qembu ligcina ngokudliwa yizembe.

Kubikwa ukuthi Amakhosi afuna ukusayinisa okungenani abadlali ababili abakwiNatal Rich Boys njengamanje.

Laba badlali ngunozinti odabuka e-Uganda, uSalim Magoola nomdlali wasesiswini uNtsako Makhubela oke wagijima kwi-Orlando Pirates phambilini. 

“Izingxoxo zokusayiniswa kukaSalim noNtsako zaqala kudala,” kucashunwe umthombo usho kanje kwiCitizen.

“Kodwa kwadingeka ukuthi zimiswe ngenxa yesimo esingesihle seRichards Bay kwilogi.

“Zizophinde ziqale ngemuva kokuphela kwesizini. Engingakutshela kona wukuthi bobabili laba badlali bazimisele ngokujoyina iChiefs.” 

UMagoola ungomunye wonozinti abenza kahle futhi usedlale imidlalo engaphezu kuka-21 kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini. 

UMakhubela, oseke wadlala nakwiGolden Arrows, ujoyine iRichards Bay njengoMashi ngemuva kokushiya kwiMoroka Swallows ngoJanuwari.