Ezintsha

Unqobe isicoco seligi, waqeda indlala uSiyabonga Ngezana

USiyabonga Ngezana unqobe iligi yakhe yokuqala neqembu laseRomania iFC SB ngemuva kweminyaka eyisishiyagalolunye yendlala yezindebe. 

USiyabonga Ngezana ubeqala empilweni yakhe ukunqoba indebe kusukela angena ebholeni elikhokhelayo. 

Uhlale iminyakanyaka kwiKaizer Chiefs kodwa dololo indebe njengoba leli qembu kumanje liyohlanganisa ishumi leminyaka lingasayazi indebe. 

Ukunqoba kwakhe lesi sicoco seligi neFC SB kusho ukuthi usezodlala i-Uefa Champions League ngesizini ezayo.

Lokhu kuyithuba lokuthi aziveze emaqenjini amakhulu ase-Europe njengoba bezobe bedlala nawo kulo mqhudelwano. 

UNgezana, oneminyaka engu-26, akaqalanga kahle kuleli qembu njengoba akuthola kunzima ukujwayela impilo eRomania.

Nokho ugcine esizwa wukuthi umqeqeshi qembu, u-Elias Charalambous udabuka e-East London kuleli kodwa ukhulele eCyprus.

“Yebo ngiyazi (ukuthi ungowaseNingizimu Afrika), ngamangala, nguye owokuqala owazama ukungenza ngizizwe ngisekhaya. 

“Wangixoxela ngezindaba zaseNingizimu Afrika – uyise ungowase-Eastern Cape,” kusho uNgezana kwi-iDiski Times muva nje.

“Cha akasikhulumi isiBhunu, ukhuluma isiNgisi kuphela kodwa nesiXhosa uyasizama.

“Ubekhuluma nami ngesiXhosa ngimuzwe, uyena yedwa engimqonda kangcono ngenxa yemvelaphi yakhe yaseNingizimu Afrika. 

“Wangenza ngikhululeka ngesikhathi ekhuluma nami ngesiXhosa.”

Ekunqobeni kwakhe isicoco seligi e-Europe, uNgezana ulandela esinyathelweni zezinkakha zakuleli.

Kuzona singabala oBenni MaCcathy, uLucas “Rhoo” Radebe, Tshepo Masilela, Sizwe Motaung, Stephen Pienaar, Thulani Serero, May Mahlangu, Bongani Zungu, John Shoes Mosheu, David Nyathi, Nasief Morris no-Aaron Mokoena. 

UPercy Tau naye unaso isicoco seligi sangaphandle kwakuleli njengoba asinqoba ne-Al Ahly yase-Egypt.