UMokwena ucashe ngesithupha ngekusasa lakhe kwiDowns
Alfred Ngubane
Ngemuva kokuphuma kweMamelodi Sundowns kwiCaf Champions League ngoLwesihlanu, umqeqeshi uRulani Mokwena uvumile ukuthi ikusasa lakhe namaBrazilians lisezandleni zabaphathi beqembu.
ISundowns iwashiswe ijezi yi-Esperance yaseTunisia eyishaye ngo 2-0 sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze yomibili.
Iye kulo mdlalo kuvele sekunezimsolo zokuthi ikusasa likaRulani Mokwena alilihle njengoba kuthiwa abaphathi abaneme ngendlela edlala ngayo.
Bekunemibiko ethi umphathi wezokuqeqesha eqenjini, uFlemming Berg usenezinkonondo ngenqubekela phambili yeqembu.
Naye ubeke waqala wakhuluma ngokuthi awunconywa umsebenzi wakhe omuhle, kodwa kubhekwa izici njalo nje.
Uphinde waveza nokuthi ukhathele ngenxa yokusondelana kwemidlalo yeSundowns okumele ayihlelele ngamunye nsukuzonke.
Ekhuluma nabeSABC Sport ngemuva komdlalo, lo mqeqeshi ubuzwe ngekusasa lakhe kuleli qembu.
“Akumina ophethe iqembu, angithi? Ngilapha ngenxa yemiphumela futhi uma ingemihle ngeke ngibe khona,” kusho uRulani Mokwena ngemuva komdlalo.
“Ngiyafuna ukuba lapha, ngiyayithanda le kilabhu, ngiyabathanda abalandeli bale kilabhu, ngiyalithanda leli qembu labadlali abamangalisayo, ngifuna ukuba lapha.
“Kepha njengoba nawe uyibekile lento, ibhola ibhizinisi elikala impumelelo ngemiphumela,” kwengeza yena.
Ngemuva kokuphuma kwiChampions League, iSundowns isizobhekana nemidlalo yePSL la inemidlalo emithathu ezinsukwini eziyisithupha ngesonto elizayo.
Izodlala neTS Galaxy ngoLwesibili, bese kuna yiKaizer Chiefs ngoLwesine okuyimidlalo okumele iyinqobe ukuqinisekisa ukuthi isicoco seDStv Premiershi ngesayo.
OLUNYE UDABA: USithebe uphawula ngekusasa lakhe kwiChiefs
Izobe seyivakashela iStellenbosch FC emdlalweni owandulela owamanqamu kwiNedbank Cup ngeSonto (mhla zingu-5 kuNhlaba).