DStv PremiershipEzintsha

Wacishe wafa, wakhumbula ekhaya u-Evans Rusike

U-Evans Rusike, ongumgadli weYada Stars FC yaseZimbabwe usephawule ngesigameko esamenza wafulathela elakuleli, akhumbule ekhaya. 

Lo mdlali wasesiswini wafikela kwiMaritzburg United kuleli la afike wenza izimanga waze waheha amehlo ezinkunzi zaseGauteng. 

Yize ake wamataniswa neKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns, wagcina ephelele kwiSuperSport United. 

Uthe uma eshiya kuyo wathi qu kwiSekhukhune United, wadlulela kwiMoroka Swallows asuke kuyo esebuyela ekhaya.

URusike wazithola ecuthelwe yizigilamkhuba ezongena lapho ayehlala khona eMidrand, zambamba zamthumba. 

Uthi lesi sehlakalo samenza wazibona sekufanele abuyele ekhaya.

“Angihambanga ngoba ngithanda, kodwa ngahanjiswa ukuthi ngabona ukuthi ngabe ngangingasaphephile mina nomndeni wami.

“Ngakhonjwa ngesibhamu ngaphinde ngathunjwa ngathathelwa imoto. 

“Ngabona ukuthi kunabantu abangizingelayo ngenhloso ethile,” kusho le nsizwa kwi-The Herald yaseZimbabwe.

“Ngaqala ukubona kuncono ukuthi ngithathe lesi sinqumo sokubuyela eZimbabwe.” 

Ekufikeni ekhaya, u-Evans Rusike ujoyine iYada Stars  kanti ubelandela ezinyathelweni zikaKhama Billiat owalaxaza iKaizer Chiefs naye wagcina ebuyela ekhaya.

Laba badlali bawushiyile umaka ebholeni lakuleli kwiDStv Premiership njengoba  begqame ngokushaya amagoli emaqenjini ahlukene abadlale kuwo.