Ukhombisa ukuqina komqondo uShabalala weChiefs
Isikhwishikhwishi seKaizer Chiefs esisakhula, uMduduzi Shabalala usazethemba ukuthi uzokwazi ukumelana nengcindezi njengoba isimo siya ngokushuba kuleli qembu.
UMduduzi Shabalala uthe uzoqhubeka nokuqina ngaso sonke isikhathi kuze kube isimo siyaguquka kwiGlamour Boys.
Amakhosi azithola esesimeni esingesihle kwiDStv Premiership futhi kungenzeka agcine eqede ngaphandle kwamaqembu ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi.
Kule sizini kubi kakhulu kuMakhosi njengoba kumanje ekunombolo-10 kwilogi ngamaphuzu angu-30 ngemuva kwemidlalo engu-24.
Amakhosi asephume kuyo yonke imibango yezindebe kanti sekumele adlalele ukuvika ihlazo lokuqeda ngaphandle kweTop 8.
UMduduzi Shabalala, oneminyaka engu-20, ungene eqenjini elikhulu leChiefs ngaphansi kobuholi bowayengumqeqeshi u-Arthur Zwane ngesizini edlule.
Udlale imidlalo engu-22 kuyo yonke imiqhudelwano ngesizini yakhe yokuqala eqenjini elikhulu.
Nokho le sizini ayikafani nakancane njengoba esadlale imidlalo engu-15 kuphela kuMakhosi okwamanje.
“Kubuhlungu ukuvuka njalo ekuseni ubona abantu bekungabaza, bengakwethembi, bekuhlambalaza ngoba ungeyena umdlali osezingeni,” kusho uShabalala etshela abezindaba eKaizer Chiefs Village eNaturena ngoLwesine.
“Kodwa ngingathi ingcindezi iyinto enhle. Ukuba seqenjini elikhulu kangaka, kulesi simo esikuso manje, kukufundisa ukuba yindoda.
“Sisebancane, futhi singabadlali abazobe bekhona eminyakeni lapho sizobe sidlala kahle eqenjini.”
Njengoba kunezinselelo eziqhubekayo nokungenzi kahle, uShabalala ukholwa ukuthi isisombululo wukuhlala enethemba, ekholelwa ekutheni iChiefs izoqeda endaweni ehloniphekile ekupheleni kwesizini.
“Ngokwami ukubona, kudingeka siqhubeke nakuba izinto zingahambi ngendlela yethu.
“Akuzange kube yisizini enhle, kodwa sisalelwe yimidlalo eyisithupha, futhi sicabanga ukuthi konke kungashintsha ngomdlalo owodwa.
“Uma singanqoba kwiSuperSport lokho kuzosibuyisela kwiTop 8 ngoba asikude kangako.
BAMBA NALA: Ubhodla umlilo ngonompempe ‘ababulala ibhola’
“Konke kumayelana nokukholelwa kithina futhi sikwenzele abalandeli bethu, ikilabhu, nemindeni yethu ngoba yikho okusiphusha kakhulu; lokho kuyisisusa sezinto zonke.”