DStv PremiershipEzintsha

USithebe uphawula ngekusasa lakhe kwiChiefs

Umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs uSiyethemba Sithebe usagxile ekuqedeni isizini naMakhosi yize inkontileka yakhe neqembu iphela ekupheleni kwale sizini.

Yize lingacaci ikusasa lalo mdlali oneminyaka engu-31 kuleli qembu njengoba iChiefs ingasho lutho ngaye, uSithebe usengomunye wabaqala imidlalo uva nje. 

Njengoba esedlale imidlalo emine kulandelana kwiDStv Premiership kulo nyaka ngemuva kokululama ekulimaleni, uSiyethemba Sithebe ukhombise amazwibela ekhono lakhe. 

Nokho kunzima ukubona imizamo yakhe njengoba leli qembu elicijwa uCavin Johnson lidonsa kanzima.

IChiefs isanqobe umdlalo owodwa kweyisishiyagalolunye kuyona yonke imiqhudelwano ngo-2024.

IChiefs izobhekana neSuperSport koweDStv Premiership ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama. 

“Engigxile kukho njemanje wukudlala imidlalo ngisize iqembu lapho lingidinga khona,” kusho uSithebe kwabezindaba kuleli sonto.

“Yilapho engigxile khona ngoba uma ngigxila enkontilekeni izongiphazamisa. 

“Ngizogxila enkontilekeni uma sengiyidlale yonke imidlalo esele.

“Ngihlale isikhathi esiningi ngingadlali ngesikhathi ngilimele kodwa ngabuya ngalithola ithuba. 

“Njengomdlali ngiyaziqhenya ngokuthi ngikwazile ukuba sesimweni esihle kodwa bekungelula,” kwengeza yena.

USithebe wengeze ngokuthi uzoqonda uma iChiefs iqoka ukungayivuseleli inkontileka yakhe ekupheleni kwesizini.

“Bengifuna ukuzuza izinto eziningi ngokudlalela leli qembu elikhulu,” kusho uSiyethemba Sithebe.

“Kodwa uma izinto zingahambi ngaleyo ndlela … kumele ngiqonde ukuthi mhlawumbe akusona isikhathi.

“Futhi mhlawumbe bekungadaliwe ukuthi kube njalo. Kodwa ngizoqhubeka nokuphusha ngoba ebholeni izinto zingashintsha ngomdlalo owodwa.”

Kuzomele aqhubeke nokuyilwela inkontileka entsha kule midlalo eyisithupha esele.