DStv PremiershipEzintsha

U-Andries Sebola uhlonza umgadli ozodla iGolden Boot

Umgadli osewathatha umhlalaphansi we-Orlando Pirates, u-Andries Sebola, useveze umbono wakhe ngomgadli abona ezokhala emuke nendondo yomgadli ovelele kwiDStv Premiership.

Ushubile umbango wale ndondo ebizwa ngeLesley Manyathela Golden Boot Award ukuhlonipha lo mgadli owashona esemncane. 

Umbango njengamanje uphakathi kukaTshegofatso Mabasa (11) we-Orlando Pirates, uLucas Ribeiro (11) weMamelodi Sundowns noKhanyisa Mayo weCape Town City (10). 

No-Iqraam Rayners (8) weStellenbosch FC, uBradley Grobler (8) weSuperSport Unites noSamir Nurkovic weTS Galaxy (7) abasele kude kakhulu. 

U-Andries Sebola yena ubona kuzoba uMabasa ozodla le ndondo njengoba ethi oRibeiro uhlushw wukulimala nokushintshwa njalo kweqembu kwiDowns.

“Ngikholelwa kakhulu ekutheni uMabasa uzoqeda ephezulu kwabashaye amagoli,” kusho uSebola kwiSowetan. 

“Uyavutha kulezi zinsuku futhi abanye abagadli bePirates abafana no(Relebohile) Mofokeng, (Patrick) Maswanganyi no(Kabelo) Dlamini nabo basefomini enhle… 

“(UMabasa) udlala ngokukhululeka ngaphandle kwengcindezi. 

“Engakwazi ukushaya okungenani amagoli amahlanu emidlalweni eyisithupha yeligi esele. 

“Ngakho ngimbona eqeda okungenani enamagoli angu-15,” kuqhuba uSebola. 

“Engakwazi ukuthola igoli uma sebebhekene neRoyal AM ngeSonto. Ngicabanga ukuthi naye uyaziphusha ukuthi ayiwine.”

USebola uveze nokwenza engamboni uRibeiro eyinqoba le ndondo. 

“URibeiro akakadlali imidlalo eminingi (usadlale engu-15 kwiligi kuze kube manje) ngenxa yokulimala nokushintshashintsha kweqembu… 

“Ngeke ngimangale uma eqhubeka nokuphuthelwa eminye imidlalo futhi.

“Lokho kuzonika uMabasa ithuba lokuphinda anqobe iGolden Boot,” kusho uSebola.