DStv PremiershipEzintsha

IRichards Bay ilaxaze ebimlande kuMsinga United 

IRichards Bay FC inqamule inkontileka kaThabani “Motsiri” Mthembu wodumo ebimsayine kade enedumela kwiMsinga United.

UMotsiri ubengomunye wabadlali abathathu abagqama kakhulu kwiMsinga United ngesikhathi semidlalo ye-ABC Motsepe League National Play Offs.

Lo mdlali uqale kahle isizini njengoba ubeyiqala imidlalo yokuqala yeDStv Premiership ngaphansi komqeqeshi ongasekho kuleli qembu uKaitano Tembo. 

Njengoba uMthembu enqanyulelwe inkontileka iwindi seliqalile engasayina noma ngabe yiliphi iqembu ngoba alikho iqembu anenkontileka nalo. 

Kodwa ugcine esehlala ebhentshini nokugcine ngokuthi anyamalale unomphela nabanye abadlali ababili afika nabo okuBandile “Mzambiya” Ndlovu noNkululeko “Mkhulise” Miya bona abasalile kodwa abeqiwa yijezi. 

“UThabani ushiyile laphana ngoba izinto bezingahambi kahle, ubebona ukuthi ngathi akkeho ezinhlelweni,” kusho osondelene nalo mdlali ocele ukungavezwa.

“Bamnikile izimfanelo zakhe zonke ngisho incwadi emkhululayo ngakho usebheke ukuqala ikhasi elisha lempilo kwenye indawo.”

IRichard Bay isanda kugixabezwa yiFifa ngesigwebo sokungasayini abadlali ngesikhathi sokusayina abadlali. 

Lokhu kulandela ukungakhokheli umdlali waseKenya, u-Ovella Ochieng imali emkeleta yona. 

Khonamanjalo, iRichard Bay FC kubikwa ukuthi idonsa kanzima ezimalini njengoba ingenabo nje abaxhasi.

Nakwiligi lilengelwa yizembe njengoba lisendaweni ka-15, kodwa imiphumela yakamuva iyathembisa ukuthi ingasinda.