Caf Champions LeagueEzintsha

UTso Vilakazi ubabaza umona wabalandeli ngeDowns

UBenedict “Tso” Vilakazi, owayisihlabani se-Orlando Pirates ugxeka abalandeli bebhola bakuleli – ubasola ngokuba nomona.

Uthi indlela abayiziba ngayo impumelelo yeMamelodi Sundowns, futhi bengayeseki uma ‘imele izwe’ emidlalweni yeCaf Champions League iyaxaka. 

ISundowns kumanje izobhekana ne-Esperance yaseTunisia emdlalweni okumele iqunqobe kumnyama kubomvu eLoftus ngoLwesihlanu. 

“Abalandeli bakuleli banomona kabi njengoba bemonela iMamelodi Sundowns,” kushi uTso Vilakazi.

“Kumele bakuqonde ukuthi iMamelodi Sundowns imele leli zwe lethu kulo mqhudelwano.

“Mina ngingumlandeli we-Orlando Pirates, angiyena umlandeli weMamelodi Sundowns, kodwa kulokhu ngihamba nayo.”

Kuzokhumbuleka ke ukuthi ngesikhathi ebuya phesheya uTso Vilakazi wabuyela kuyo iSundowns yize engazange esahlala isikhathi eside kuyo. 

“Kungiphatha kabi ukuthi abalandeli bengaphumi ngothi lwabo beyokweseka iSundowns ngoba abalandeli bebhola eTunisia baphuma ngobuningi. 

“Basuke bezokweseka iqembu lasekhaya, kungakhethekile ukuthi yiliphi, uma lidlala nelangaphandle.” 

ISundowns idinga ukuthi inqobe ngamagoli amabili kuyaphezulu kodwa ingangenelwa yigoli kulo mdlalo.

I-Esperance yazinciphisela ukhalo okumele ikukhathule ngesikhathi inqoba isekhaya futhi ingangenelwa goli.

Manje osekumele ikwenze wukuqinisekisa ukuthi umdlalo uphela zibambene – kungaba namagoli noma engabi khona – noma inqobe. 

Nomqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena usanda kukhala ngokunganconywa kwemisebenzi yakhe neqembu lakhe. 

Uthi bazikhandla nsukuzonke futhi impumelelo yabo iyabonakala, kodwa abantu banquma ukuyiziba, babheke izici kuphela. 

“Ngikhathele ngoba kuningi okwenzekayo – kodwa akekho onendaba, kufanele ngiqhubeke nakho,” kusho uMokwena kuleli sonto.

“Kumele ngenze izithangami zabezindaba, mhlawumbe amahlandla ayisithupha njalo ngesonto ngoba sidlala imidlalo emithathu ngesonto. 

“Kufanele ngikhulume nawe, kufanele ngihlele ukuziqeqesha, kufanele ngibuke, ngicubungule imidlalo. 

“Kwadingeka ngibuke i-Esperance izikhathi eziyisishiyagalombili.

“Kufanele ngilungise futhi abantu bazothi, ‘Ukhuluma ngokukhathala kodwa unabadlali abangu-46.’ 

“Kodwa unomqeqeshi oyedwa kuphela futhi uhlushwa ngabadlali ngoba unomsebenzi okufanele awenze, kufanele ahlaziye nezinye izinto. 

“Ngivumeleke ukuthi ngikhathele ngoba ngingumuntu nami,” kusho uMokwena.