OwaseNamibia usola umzwangedwa kuPeter Shalulile
Alfred Ngubane
UCollin Benjamin, ongumqeqeshi weqembu lesizwe laseNamibia, iBrave Warriors, ukhathazekile ngomgadli wakhe ophambili uPeter Shalulile.
USha-Sha, okuyigama lesidlaliso likaPeter Shalulile, wehlelwe yifomu ngendlela emangazayo kule sizini njengoba amagoli eseyindlala nje kuye.
Lo mgadli obevutha engabaselwe kumasizini amabili edlule ewashaya ngathi ushunqiselwe ngenethi amagoli.
Manje uBenjamin uthi ubona ngathi kukhona okumphazamisayo uShalulile, okwenza angabi yilo onomdlandla.
NakwiBrave Warriors uShalulile akenzanga kahle ngesikhathi idlala kwiCaf Africa Cup of Nations ngoJanuwari.
“Ngimazi engalibheki ipali kodwa khona lokhu engibona ukuthi kumphethe kabi,” kusho uBenjamin.
“Wagcina ukuba iloShalulile esimaziyo emdlalweni wamanqamu weMTN8 bedlala ne-Orlando Pirates la ashweba khona amathuba alula.
“Benginaye kwi-Africa Cup of Nations, saze sabuya engavaze ashaye nelilodwa igoli.
“Lokho bengikuthatha ngokuthi amaqembu ayamazi njengoba egqame kwiMamelodi Sundowns uma idlala iCaf Champions League.
“Angicabangi nhlobo ukuthi ngabe uthola ingcindezi kumgadli waseBrazil uLucas Rebeiro ngoba badlala ngendlela engafani, bayadingana.”
Kumanje uShalulile usengumdlali wokuchibiyela kwiSundowns muva nje, njengoba eseqala ebhentshini isikhathi esiningi.
Kodwa njengoba umqeqeshi wakhe eqenjini lesizwe esekubonile ukuthi kukhona okungahambi kahle, cishe useyokwazi ukumsiza uma sebephinde behlangana.
NALU OLUNYE UDABA: Imenenja kaJali iveza okusha ngalo mdlali
UShalulile kufanele ukuthi uzobe ekhona kwiBrave Warriors ngoJuni uma sebeyodlala imidlalo yokhlungela iNdebe yoMhlaba.
INamibia izoqala umkhankaso wayo neLiberia mhla ka-3 kuNhlangulana bese kuthi mhla ka-10 kuNhlangulana ibhekane neTunisia.
Kumele uPeter Shalulile aphunyule kule nomfi embambile ukuze asize iBrave Warriors iwuqale kahle umkhankaso wokuya eNdebeni yoMhlaba.