Ezintsha

Imenenja kaJali iveza okusha ngalo mdlali

Imenenja ka-Andile Jali, uMike Makaab seyiveze ukuthi lo mdlali wasesiswini onamava usenawo umqondo wokuthi aliyeke ibhola elikhokhelayo.

Lo mdlali ubengomunye wabaxoshwa yiMoroka Swallows kulandela isiteleka sabadlali bekhala ngenkokhelo ebingahambi kahle. 

Uzamile ukuyifaka icala lokumxosha ngendlela engafanele iSwallows, efuna ukubuyiselwa. 

Kodwa isigungu esixazulula izingxabano sePremier Soccer League samchitha, savuna iSwallows.

Kusukela lapho u-Andile Jali akanalo iqembu kodwa uMakaab uveze ukuthi kukhona aseke avela yize yena esecabanga nokushiya. 

“U-Andile njengamanje usacabangisisa ngekusasa lakhe ngokuthi aqhubeke nokudlala noma ayeke,” kusho uMakaab kwiGagasi FM kuleli sonto. 

“Cishe ngizohlangana no-Andile emasontweni amaili kuya kwamathathu ezayo nokuyilapho engicabanga ukuthi isinqumo sizophuma khona.

“Ngiyobe sengikushiyela kuyena u-Andile ukuthi amemezele isinqumo sakhe,” kuchaza uMakaab. 

Uthe ngaphezu kokwazana ngokomsebenzi no-Andile Jali, usefana nendodana kuye ngenxa yokuthi sesiside isikhathi bazana.

“Kumele ukuqonde ukuthi u-Andile usesebenze nami iminyaka engu-14… 

“Akaseyena nje umuntu engisebenzisana naye, kodwa useyindodana kimi, njengeba kunjalo nakwabanye abadlali.

“Okubaluleke kakhulu wukuthi bazithathele bona (abadlali) izinqumo ezinjalo,” kwengeza uMakaab. 

Kuzokhumbuleka ke ukuthi Impempe ike yabika ukuthi kuneqembu lasenhla ne-Afrika elizidlisa satshanyana kuJali. 

Nokho nokuyeka ukusebenza usengakwenza kwazise usanda kuveza kwiMarawa Sports Worldwide ukuthi umi kahle.

Wathi usekwazile ukubeka nokutshala izimali ngendlela ezomenza akwazi ukuphila ngokunethezeka noma engasaholi ndawo. 

Ngemuva kokuzakhela igama kwi-Orlando Pirates, uJali wafudukela eBelgium la ehlale khona iminyaka emine.

Ekubuyeni kwakhe usayine kwiMamelodi Sundowns la okungangabazeki ukuthi ubeyikha ngamafosholo.