DStv PremiershipEzintsha

‘Ukube iChiefs/Pirates le eyenza njena ngabe banconywa nsukuzonke’

Ngabe yindaba okulalwa ngayo kuphinde kuvukwe ngayo ebholeni lakuleli ukuzidlela amahlanga okwenziwa yiMamelodi Sundowns ukube kwenziwa izinkunzi zaseSoweto. 

Lona ngumbono womqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena awuveze ekhuluma nabezindaba kuleli sonto. 

UMokwena ubekhuluma ngemuva kokuqhathwa kwamaqembu azodlala emzuliswaneni olandelayo kwiNedbank Cup. 

ISundowns icabeleke indlela elula ebheke emzuliswaneni wemidlalo eyandulela owamanqamu njengoba iqhathwe ne-University of Pretoria nje.

Iningi labadlali abawumgogodla we-University of Pretoria babolekiswe yiSundowns okutho ukuthi ngeke badlale kulo mdlalo. 

UMokwena ubuzwe ukuthi usenayo yini ingcindezi njengoba iqembu lakhe lizihubuluzela nje kuyo yonke imincintiswano. 

“Nginengcindezi enkulu. Kumele ngiwine njalo,” kusho lo mqeqeshi ekhuluma nabezindaba. 

“Kodwa ke vele yinto yakhona kulo msebenzi leyo – kumele uhlezi unqoba. 

“Ngiyavumelana nalowo mbono – uma kungathiwa le mpumelelo eseyodwa kwizinkunzi zaseSoweto, ngicabanga ukuthi ngabe ijatshulelwa kakhudlwana.”

Uqhube wathi noma kunjalo kodwa akanazikhalo, uzoqhubeka nokubheka umsebenzi okumele awenze eChloorkop.  

“Uma useqenjini elikhulu njengeMamelodi Sundowns, ukunqoba kukodwa akwanele.

“Kumele unqobe, unqobe uphinde uqhubeke nje unqobe. Yimpilo yami leyo futhi sengiyamukele.” 

ISundowns isahlulwe kwezimbili indebe kwedlale noma esadlala kuzo kule sizini okuyiMTN8 eyahamba nePirates neCarling Cup eyadliwa yiStellenbosch FC. 

Leli qembu likaMokwena selihambe ne-African Football League kanti isekhona kwiNedbank Cup nakwiCaf Champions League.