ISafa ihoxise ukuxoshwa kukaRia Ledwaba ebholeni
Owayeyiphini likamengameli weSafa, uRia Ledwaba, wethule umyalezo oqinile ewubhekise kuDoctor Khumalo.
Unxuse le nkakha enogazi kubalandeli bakuleli ukuthi iqhubeke nemizamo yokuhlanganisa izingwazi zebhola laseNingizimu Afrika ukuze kuthuthukiswe izinga lebhola lakuleli.
Isicelo sikaLedwaba sivele emcimbini lapho ummeli wakhe, uLeslie Sedibe ememezele ukuthi iSafa isikuhoxisile ukumisa kwakhe uRia Ledwaba.
Le nhlangano yaxosha uRia Ledwaba ekuzibandakanyeni nebhola kunoma yiliphi izinga ngasekuqaleki kukaMashi.
Okuqaphelekayo ukuthi uRia Ledwaba noSolly Mohlabeng babengenele ukhetho lubumengameli lweSafa ngo-2022 bephikisana noDanny Jordaan.
Ngaphandle kwemizamo yabo, uJordaan walunqoba lolu khetho, wabuyiselwa esikhundleni sakhe.
ULedwaba, owayengumnikazi we-Ria Stars, usamile ekuzibophezeleni kwakhe ekulweleni ukuthuthuka kwebhola lakuleli ngendlela efanele.
“Ngeke ngivalwe umlomo,” kusho yena emhlanganweni nabezindaba ngoLwesithathu.
“Angisukumi ngoba nakhu nginguRia Ledwaba, ngisukuma ngoba ngilwela ibhola.
“Lempi engiyilwa lapha, yimpi yezinkakha… akumele igcine kimi, kumele nabanye bayiqhube.”
Ube eseveza ukuthi akaqali ukunxenxa izinkakha ezifana noDoctor Khumalo ukuthi zilisukumele ibhola lakuleli.
“Emngcwabeni kaSiphiwe Mkhonza… UMkhonza bekuyindodana yami ngoba wadlala kwiRia Stars.
“Wayehlala nami, wayedlala eqenjini lami. Ngatshela izinkakha, ngizokuphinda lokhu.
“Ngathi kuzo, ‘Izinkakha zakuleli zinamandla okujika izinto kwiSafa, kodwa ziyokwenza lokho uma zibumbene.
“Lento yenu yuokuba yinhlakanhlaka ngeke isebenze nhlobo. Lento yokuthi nibizelwe ehhovisi ngamunye ayisebenzi.
“Kuvele kubizelwe uDoctor ehhovisi bese kuthiwa, ‘Ngitshele ukuthi ufuna siphi isikhundla, yiliphi iqembu lesizwe ofuna ukuliqeqesha? Kumele iphele leyonto.”
“Yizinkakha kuphela ezingabuyisela ibhola lezikole la silifuna khona, uwena Doctor ongenza lokho.
OLUNYE UDABA: ‘Ukube iChiefs/Pirates le eyenza njena ngabe banconywa nsukuzonke’
“Uma ningasukumi, ngeke ninakwe, uyohlezi ukhalaza ngaso sonke isikhathi.”